02 | Izindaba
Friday, 27 March 2026
NguRamaphosa noCachalia abazocacisa ngolukaMasemola
KUZOCACISA umhlangano kaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa noNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile, uMnu Firoz Cachalia, ngekusasa loMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uJenene Fannie Masemola (osesithombeni esingenhla), ohlinzekwe ngamaphepha ambizela enkantolo ngoLwesithathu, ngodaba oluthinta ithenda ka-R360 million, eyatholwa nguVusimuzi "Cat" Matlala.
Lokhu kuvezwe nguCachalia, izolo ngesikhathi ephawula okukuqala ngemuva kwalezi zindaba.
Uthi uMasemola ubizelwe enkantolo ukuze aphendule ngokwephulwa komthetho iPublic Fund Management Act, hhayi ukuphendula ngenkohlakalo.
Uthi uzohlangana noRamaphosa, badingide ukuthi benzenjani ngalolu daba. Ihhovisi likamengameli liveze ukuthi lizolusukumela ngokulandela imithetho efanele lolu daba.
Ibhodi leNgonyama Trust, lisishayele ihlombe isinqumo senkantolo
IBHODI leNgonyama Trust, lisishayele ihlombe isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, sokuguqula isinqumo sikaNgqongqoshe wokuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uMnu Mzwanele Nyhontso, sokuhlakaza leli bhodi.
Lolu daba belulalelwe kule nkantolo ngoLwesithathu, lapho inqume khona ukuthi isinqumo sikaNyhontso, sasingekho emthethweni, yasiguqula, yathi ibhodi elikhona lihleli ngokufanele ehhovisi, futhi lizoqhubeka nokwenza imisebenzi efanele ngokomthetho Ingonyama Trust Act, neminye ehambisana nawo.
Leli bhodi lithi liyasemukela isinqumo senkantolo. Lithi lesi siqumo sihambisana nabakusho esigcawini sabezindaba ngeledlule, lapho elaveza khona ukuthi ukuhlakazwa kwalo, kuphambene nomthetho.
'Yehlisani amaphaphu, ngeke uphele uphethiloli kuleli' - Mantashe
UTHI amaphaphu phansi, u-petrol ngeke uphele kuleli ngenxa yempi ephakathi kwamazwe amathathu, i-USA ebambisene
ne-Israel, etholene phezulu ne-Iran, uNgqongqoshe wezokuMbiwayo nokuthinta
u-petrol, uMnu Gwede Mantashe (osesithombeni esingenhla).
UMantashe ubephendula imibuzo ePhalamende ngoLwesithathu ebusuku, lapho eveze khona ukuthi izwe lase-Iran, kaliyivimbi imikhumbi ka-oyela eza kuleli, edlula kwiphaseji lemikhumbi elivalile (i-Iran), iStrait of Hormuz.
Uthi nakuba imikhumbi idlula, akukho obekungenziwa yiNingizimu Afrika ukuvimba ukunyuka kwenani lika-oyela emhlabeni jikelele, okuholele ekwenyukeni kakhulu kuka-petrol.
"Uma ulandela kahle izindaba, uzobona ukuthi imikhumbi eza kuleli iyavunyelwa ukuba idlule, ngale kokuphazanyiswa.
"Lokhu kusho ukuthi sizokwazi ukuba no-oyela ozosilonda isikhathi eside. Imikhumbi enenkinga yileyo yamazwe adlelana ne-USA ne-Israel," esho.
I-DA ifuna kuphenywe ngokunyamalala
kuka-R600 million owawuzosetshenziselwa izinhlelo zezitshudeni
IDA ifuna zithathelwe izinyathelo izikhulu zohlaka lweSeta, i-Education, Training and Development Practices (ETDP), ezithinteka "ekunyamalaleni" kwemali engaphezu kuka-R600 million, ekwakumele iye kwizitshudeni.
Ukunyamalala kwale mali kuvezwe wumbiko kaMcwaniningabhuku kazwelonke, oveze ukuthi awuwutholanga umbiko ogculisayo ngesikhathi ucwaninga ngale mali ewu-R637 646 000.
Ngokwalo mbiko, le mali kwakumele ixhase izinhlelo ezifana nemifundaze yabafundi, ama-internship, ama-WIL nokunye kokuthuthukisa abafundi.
Umbiko uveza ukuthi le mali yaphuma, kodwa iziphathimandla zahluleka wukuhlinzeka amarekhodi nama-invoice okuthi yasebenza, kanjani, futhi kuphi.
NgoLwesine, iDA ivule icala lobugebengu, ikhala ngokuthi izikhulu kumele ziphendule.
Ngokusho kweDA, okungayithokozisi, wukungapha- theki ngendlela kwalolu hlaka, njengoba lungenaye Umcwaningimabhuku wangaphakathi, yize lusebenza ngemali yomphakathi.