19 | Ezemidlalo
Friday, 27 February 2026
NGUSANDILE Zungu ongumengameli wamaZulu FC.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UPHAWULA ngombandela abanikwe wona nguMengameli wamaZulu FC, uSandile "The Zunguness" Zungu, umqeqeshi wale kilabhu, u-Arthur "10111" Zwane.
USuthu kubukeka sengathi luzalelwe yinja endlini njengoba luzobhekana neStellenbosch FC koweBetway Premiership ngoLwesihlanu ngo-19h30 eDanie Craven Stadium, eStellenbosch.
IStellies ibukeka ivukile emaqandeni njengoba yehlule iKaizer Chiefs ngo-2-1 koweBetway Premiership ngoLwesibili eFNB Stadium, eSoweto.
USuthu luzokuya kulo mdlalo lushayekile emuva kokuba lwehlulwe yiMamelodi Sundowns ngo-1-0 ngoLwesibili eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
NGU-ARTHUR Zwane ongumqeqeshi woSuthu..
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UZwane uthi nakuba iDowns ibaqhuzulile, kodwa bazowufeza umbandela ababekelwe wona nguZungu njengoba efuna i-top 4.
"Noma kanjani, kuzophela le sizini umbandela sesiwufezile. Sifuna i-top 5, lokho kuhlale kumile. Kodwa-ke, njengekilabhu sizokulwela nokungaphezulu kwalokho ngoba amakilabhu asazoshayana.
"Okufanele senze isiqiniseko sakho wukuthi siyayinqoba imidlalo yethu yasekhaya.
"Okubuhlungu-ke wukuthi iSundowns isehlulile ekhaya, kodwa kufanele sibuyele emuva siyolungisa amaphutha ngoba sinomdlalo onzima eKapa, okuzofanele sisebenze ngokwengeziwe uma sifuna ukuwunqoba," esho.
IStellies ibukeka seyizelwe kabusha ngaphansi kukaGavin Hunt njengoba seyiqalile ukuxaxama endaweni embi ebeyihleli kuyona ngasemsileni we-log, okuyinto engajwayelekile.