20| Ezemidlalo
Friday, 27 February 2026
NGUMENZI Chili ongelinye lamathemba eMilford.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
SEBETHEMBE ukuvunwa wumlando abeMidlands Wanderers ezovovana inkani neMilford FC koweMotsepe Foundation Championship (MFC) ngoMgqibelo ngo-15h30 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.
Sekuwumlando ukuthi iMidlands yanqoba umzuliswano wokuqala ngo-1-0, okwenza iMilford izimisele ngokubuyisa izinduku kulo mdlalo.
NGUSDUDUZO Dlamini okulindeleke ukuba asize iMidlands uma isibhekene neMilford.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nokho uSthembiso Hlongwane oyimenenja yeMidlands, uthi yize umphumela womzuliswano wokuqala ungasasho lutho kangako, kodwa banethemba lokuthi lapho amanzi ake ama khona, azophinda ame.
"Sibhekene nomdlalo onzima. Nokho siyakholelwa kubadlali bethu ukuthi bazokwazi ukubuya nomphumela ogculisayo, yize besebancane ngokweminyaka iningi labo.
"IMilford kayihleli esicongweni mahhala, iyikilabhu elwayo enkundleni. Ngenhlanhla sikwazile ukuyibuka igijima imidlalo yeNedbank Cup, okusinike isithombe ngokumele sikulindele, nalokho okufanele ukuba sikwenze enkundleni," esho.
* Kuzo ezeMFC, sibhekwe ngabomvu isiqalo sikaJoel Masutha osehola iThe Bees FC eyithemba lesifundazwe iMpumalanga.
UMasutha uzobhekana neCasric Stars koweMFC ngoLwesihlanu ngo-15h30 eSolomon Mahlangu Stadium.
Isiyonke imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:-
NGOLWESIHLANU
KwaNyamazane: Kruger United vs Venda FC 15h30.
EGelvandale: Highbury FC vs Gomora United 15h30.
ESoshanguve: Casric Stars vs The Bees 15h30.
NGOMGQIBELO
EMhlathuze Sports Complex: Milford FC vs Midlands Wanderers vs 15h30.
EMxolisi Dicky Stadium: Upington City vs Leicesterford City 15h30.
NGESONTO
E-Olympia Stadium: Lerumo Lions vs Cape Town City 15h30.
EThohoyandou: Black Leopards vs Hungry Lions 15h30.
E-Absa Tuks Stadium: University of Pretoria vs Baroka FC 15h30.