14 I Izindaba
Friday, 27 February 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Waliwe eselungiselela umshado olobole ngo-R68 000:
NGUMNU Ndodo Gumede waseMaqadini, eMzinyathi nobeyingoduso yakhe, uNkz Mandisa
Sibisi.
Wonder Zulu:
Le nto yokulobola ifuna sengathi umuntu ungathi ukuhlala naye sakukipita, before uthathe isinqumo sokumenza umfazi.🤞
Scefe Syacasula:
Akubuye konke nemvulamlomo ngoba sideleliwe siyimpisi engenamngani la.
Ayi kodwa nalo leli soka. 🤣🤣
Lungile LG:
I love this woman. Wenze kahle washiya early.
Nhlaka Thabethe:
Yayizele umcebo intombi, yabuye yazikhuza, yathi kungcono ngiyoqoma kwandlwana, as long as ngi-happy. Phela uthando aluthengwa, akusiwo amakinati.
Dumisani Masolution Ndimande:
Awubuye u-R68 000, ayolobola omunye.
Nkosie Malusi Gcwensa KwaMaphumulo:
Mmmh isela lezinkomo ngendlela esemthethweni. 👐👐
Njabulo Ntah Zondo:
Sihlezi sikhuza ukuthi yekani ukushada lezi zinto zamanje.
Mkhululi Shandu:
Le nto yokulobola sengathi ungaqale uyobhula ukuthi nguyena yena yini. Bese kuyima uzishaya zonke.
Duduzile Mandy:
Kodwa uma nimbuza, uthi yini inkinga eyenza ashiye umkhwenyana eselobole ngemali engaka?
Noma umakoti ubuyelwe yingqondo kungakonakali?
MamNtombie Mamntungwa's:
Amathanga ahlanzela abangena-mabhodwe inkosi impela!
Zinhle Mtshali Zinhle:
R68 000? Bese kukhokhwani kanti bakithi?
Zothani Gazu BhekamaGazu:
Hhawuu ! Usizi lomuntu wesilisa!
Leh Majozi Lukhozi:
Yikho ngizosindiswa mina. Ngishade ngokwebandla, hhayi usiko.
Phumlani Cele:
Amandla endoda kawapheli, impilo iyaqhubeka.
Bhungane Hadebe:
Akawulandi ngani?
Kulindwe u-12, wunyuye yini?
Mxolis Rudolph:
Uyalunga. Udlala ukuba nemali angazi uzoyenzani. Akazi ukuthi sikwi-game manje?
Custard G Ncwane:
Le ngoduso kumele ibuyele enkosini nje, akukho okunye.
Skhumbuzo Lawrence Ngcobo:
Ayibuye phela imali.
Precious Matiwane:
Uzowabuyisa lawo malobolo. If kungowesifazane, yeyi umthetho wenza ngenye indlela, konke kuzobuyela emuva.
Slindile Msomi:
Akulutho phela, makayolobola kwenye indawo.
Sihle Mtshahe:
Bekuvele kufuneka yona leyo mali. Yibhanoyi lomshado leli.
Mthobisi Dlamini:
Akayofuna i-refund.
Gidagida Ntsele:
Uzobuya-ke lowo 68k.
Sfiso Nkosnathi Ngobese:
Ibonile ingane ukuthi ngeke ilunge sidalo ekhehleni.
Sihle Mhayi Hlatshwayo:
R400 000 ngabe nginemiqasho nemoto yokuthutha i-staff.
Ntando Biyela:
Vele bezishibhile lezo zinkomo zakho etshitshini. Kodwa bakithi ncese.
Sam Mkhize:
Akamthume iSparkling Water esineNyala, ukuze akwazi ukuHealer kahle. Akamzame impela ngamanzi anempuphu.