12 | Izindaba
Friday, 27 February 2026
Kulobe: uDkt Lethukwenama Letsoalo
Ezempilo
Ijazi lomkhwenyana lingakuvikela kulesi sifo...
IZINSUMPA esithweni sangasese ziyisifo esivamile, esithathelana ngocansi, esithinta isikhumba esizungeze isitho sangasese. Zibangelwa wuhlobo lwegciwane elibizwa ngeHuman Papilloma Virus (HPV), ikakhulukazi izinhlobo iHPV 6 no-11.
Lezi zinsumpa zivame ukubonakala njengokukhula kwesikhumba okufana nekholifulawa. Zingavela esithweni sangasese sowesilisa noma emlonyeni wesibeletho, esithweni sowesifazane, ngemuva kwesitho sangasese, noma esikhunjeni esiphakathi kwezitho zangasese esibizwa ngokuthi i-perineum.
Zidlulela kanjani izinsumpa esithweni sangasese?
Zidlula ngokuthintana kwesikhumba ngesikhathi socansi. Lokhu kubandakanya ucansi lwesitho sangasese, ucansi lwangemuva, noma lomlomo.
Nazi izimpawu okufanele uzibheke:
Abanye abantu bangase bangabi nezimpawu ekuqaleni. Abanye bangaboni:
👉🏾 Ukukhula noma amaqhubu azungeze isitho sangasese;
👉🏾 Izinsumpa ezinombala wesikhumba noma omnyama kancane
👉🏾 Ukulunywa
👉🏾 Iphunga elibi kuzo izinsumpa
Zilashwa kanjani?
Uma ubona ukukhula okungajwayelekile, ukulunywa, noma ushintsho esithweni zangasese, vakashela umtholampilo noma udokotela.
Kufanele uye nini kudokotela?
Ukuthola usizo kusenesikhathi kuvimbela izinkinga futhi kunciphisa ukusabalala kwesifo. Ijazi lomkhwenyana liyasiza ekwehliseni amathuba okuthola lesi sifo.
UMa ufuna ukwazi kabanzi ngezifo nempilo, landela uDr Lethukwenama ezinkundleni zokuxhumana @Dr_Lethukwenama