10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 27 February 2026
ISIYALO sabazali sokuthi ungahambi udla kuyoyonke imizi, uMzala usibonile ukubaluleka kwaso ngesikhathi ebuka iBig Brother. Yeyi, yaze yayinuku intombazane!
UThandeka Tshabalala uyithathaphi lento yokugezela ubuso kusinki phezu kwezitsha, angisayiphathi-ke le yokugquma ubuso ebhodweni lokupheka?
Engaqali njalo; kuzokhumbuleka ukuthi nasekuqaleni, wake womisa izinwele zokufakelwa kuhhavini, ethi i-hairdryer yakhe ayikafiki. 🤔🤔Mmmmh ngeke ntokazi, uyinuku.
Kazi ikhishi ophekela kulona linjani, njengoba sisamangazwa yilokhu okwenza phambi kwamehlo ethu. Kusho ukuthi uma uwedwa, wenza okukhulu, awuzame okunye sisi. Ngeke ugane uma unjena.
KAZI kwakhala nyonini kwezikaMotaung, phela ayisemnandi ngempela le yokuhlezi zishaywa.
IStellenbosch FC ibukise ngaMakhosi kuze kube kabili ✌🏾pho?
Njengoba kuza iSoweto Derby, abanye abalandeli bathi abasayeli ukuyobuka iziphoxi eziyiChiefs, kodwa sebeyela ukuyojabula e-groundini.
Awu kodwa Makhosi amahle, yimbi lento eniyenza kubalandeli benu, ake nenyuse amasokisi.
UMZALA akezwani nalento ye-body shaming, kodwa-ke kwesinye isikhathi iyasiza, yenza uvuke emaqandeni.
Ngibone uMafikizolo bemgcona laphaya kuFacebook, bethi ubezojika bani ebholeni njengoba enomzimba omngaka. Phela le nsizwa ibiseqenjini lebhola likamaskandi, leli eliholwa nguKhuzani Mpungose.
Ewu! ndoda yamadoda, njengoba besengishilo ukuthi angizwani ne-body shaming, kodwa phela nawe jima, hawu!!
Indoda must shaya umgwaqo, kwehle amafutha noma iyophakamisa izinsimbi ejimini. Phela uma sekunje, kugcina sekuncipha izinto ezingafanele....uyazi-ke ngikhuluma ngani.
Ngithi nje #BodyGoals....Asambe-ke!