09 | Izindaba

Friday, 27 February 2026

Image

Kuxwayiswa abasoLundi ngebhubesi elizulazula emgwaqweni

Nhlanhla Hudla

INDIDA ngebhubesi elibonakale lizulazula eMashona, oNdini, kusukela ngoLwesithathu ebusuku, nangoLwesine ekuseni.

Kuthiwa belibonwa ngabantu abahamba emgwaqweni. Ukusabalala kwalolu daba kwenze abantu bakuleya ndawo baba nokwesaba ngempilo yabo.

ILANGA Lempelasonto linayo i-video ekhombisa lesi silwane simile eduze komgwaqo, silenga intambo okusolakala sengathi yi-Tracker, efakwa ezilwaneni.

Image

Okhulumela abezeMvelo Wild Life, uMnu Musa Mntambo, utshele leli phephandaba ukuthi ukhona umyalezo abawutholile, oveza ukuthi kubonakale ibhubesi endaweni yasoLundi.

"Bese sizwile ukuthi lesi silwane sibonakele izinsuku ezimbili. Sinxusa umphakathi ukuba wenze isiqiniseko sokukhuluma nenduna eseduze, noma namaphoyisa ukuze sizokwazi ukusebenzela entweni eya phambili.

"Sizothi uma sesixhumene kahle, bese sithumela ithimba lethu ukuba lilandele umkhondo walo.

"Asinaso isiqiniseko sokuthi lisuka kuphi. Kungenzeka ukuba lisuka eHluhluwe noma lisuka eziqiwini ezizimele," esho.

Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni edlule, umphakathi wakuleya ndawo uke wakhala ngesimo esifanayo. Kuyinto osekubukeka ithusa umphakathi, ukuchanasa kwalezi zilwane kule ndawo.