02 | Izindaba

Friday, 27 February 2026

Ezifingqiwe


01


Wenyuselwe isabelomali
ngo-R22,7 billion owezemfundo

Image

IZOSETSHENZISELWA ukuthuthukisa imfundo eyisisekelo namaholo othisha bakwa-grade R, imali eyengezwe kwisabelomali soMnyango weMfundo eyisiSekelo.

Lo mnyango obese kunesikhathi wehliselwa isabelomali sawo, wenyuselwe ngo-R22,7 billion ngesikhathi uMgcinimafa kazwelonke, uMnu Enoch Godongwana, ethula isabelomali sezwe ngoLwesithathu.

Ephawula ngesinqumo sikaGodongwana uNgqongqoshe wezeMfundo uNkz Siviwe Gwarube (
osesithombeni), uthi uyakwemukela ukwenyuswa kwale mali, yize ziningi kakhulu izinkinga ezibhekene nomnyango.

Uthi uhlelo umnyango onalo, wukuthi u-R9,9 billion uzolekelela ekwesekeni izindleko zezisebenzi zomnyango, bese kuthi enye isetshenziswe ukuthuthukisa izikhungo zemfundo eyisisekelo, nokukhokha amaholo angcono kothisha bakwa-grade R.


02


I-IFP iqhubekile nokwenza kahle okhethweni lokuchibiyela

Image

LIQHUBEKILE nokwenza kahle iqembu leNkatha Freedom Party (IFP), okhethweni lokuchibiyela obelubanjelwe KwaNongoma, ngoLwesithathu.

Ngokwesitatimende esikhishwe yileli qembu, libonga kubona bonke ababambe iqhaza elikhulu ekwesekeni iqembu.

"Sizizwa sithobekile ngothando esilunikezwe wumphakathi waKwaNongoma namaphethelo.

"Siyathembisa ukuthi sizoqhubeka nokusiza abantu bakithi," kusho uMnu Mkhuleko Hlengwa (
osesithombeni), okhulumela leli qembu.

Kwenzeka lokhu nje, leli qembu lisanda kwenza kahle nasokhethweni obelubanjelwe eMzumbe, emasontweni adlule.


03


Usuqalile umkhankaso wokugomela isifo samatele

Image

ZIQALE kwisiFunda sasoGwini ngoLwesine ukujova izinkomo, ngomjovo wokuvikela isifo samatele, izigijimi zoMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, eKZN.

Lezi zigijimi ezihlukaniswe ngamaqembu awu-20, sizohambela izifunda zalesi sifundazwe, kulandela ukuba isifundazwe sithole imijovo ewu-200 000, kwecela kwi-million ethengwe wuhulumeni omkhulu, e-Argentina.

UNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa, uthi amathimba abesebenza ezifundeni Ugu neHarry Gwala, ajove zonke izinkomo zakhona.
 
Uthi kule mijovo abayitholile, bazoqhakambisa izifunda ezisogwini lwesifundazwe, bese kuthi uma umnyango sewuthola eminye imijovo, nelinye ihlandla, baqhakambise izifunda ezisemingceleni yezifundazwe neyamazwe.


04


Kuyancomeka ukusebenza ngokuzikhandla kukaMkhwanazi

Image

SIBONGA ukusebenza ngokuzikhandla koMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi (osesithombeni), iSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini.

ISilo besikhuluma ngesikhathi sivula ngokusemthe-thweni isiShayamthetho sesifundazwe, enkundleni iWoodburn, eMgungundlovu, ngoLwesine.


"Ngidlulisa ukubonga nakubaba uMkhwanazi namaphoyisa akhe, abadela impilo yabo baqinisekise ukuphepha kwethu. Balwa nabo bonke ubugebengu obenzeka esifundazweni," kusho iSilo.

Namuhla, ngoLwesihlanu kulindeleke ukuba isiShayamthetho sivulwe nguNdunankulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli, lapho ezokwethula khona inkulumo ngesimo sesifundazwe nezinhlelo abanazo.