11 | Ezikaqedisizungu

Friday, 26 September 2025

Image

Awu mntanomuntu ngavele  ngavukwa yisikhwele. Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe inkosi impela🤞🏾. Cha smomondiya ngijulukiswa yilo mbhalo olotshwe ethangeni lakho. Awu kodwa shandapha kungcono ukuba wanika mina ithuba. Akusenani, ngethemba ukuthi mhla ususwa lowo mbhalo ngolithola ithuba.

 Hhola Mntwana!

 Shandapha noma ungangenza
i-mannequin yemisiko yakho ngeke ngikhononde...

Ngicela uyoguqela amakhehla emagcekeni akwethu, ungenze umuntu...

Image

Nkosazane ngicela ungenze umuntu phela ngafa amakhehla nezalukazi, befuna ukubona umakoti. Okungichaza ngawe  ukuthi uyakwazi nokuguqa, okusho ukuthi unayo inhlonipho. 

Image

Le nkosazane nguGugu Mandela. Ingusomabhizinisi okwezemfashini njengoba inelebuli i- GUGUBYGUGU. Isike yakhangisa imisiko yayo kuma-fashion show amaningi. Wena obhakuzisa inhliziyo yami ngithi uma udinga i-mannequin noma yisichuse ozokala ngakho imisiko yakho. Thuma mina bhebi 🙌🏾.