11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 26 September 2025
Awu mntanomuntu ngavele ngavukwa yisikhwele. Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe inkosi impela🤞🏾. Cha smomondiya ngijulukiswa yilo mbhalo olotshwe ethangeni lakho. Awu kodwa shandapha kungcono ukuba wanika mina ithuba. Akusenani, ngethemba ukuthi mhla ususwa lowo mbhalo ngolithola ithuba.
Shandapha noma ungangenza
i-mannequin yemisiko yakho ngeke ngikhononde...
Ngicela uyoguqela amakhehla emagcekeni akwethu, ungenze umuntu...
Nkosazane ngicela ungenze umuntu phela ngafa amakhehla nezalukazi, befuna ukubona umakoti. Okungichaza ngawe ukuthi uyakwazi nokuguqa, okusho ukuthi unayo inhlonipho.
Le nkosazane nguGugu Mandela. Ingusomabhizinisi okwezemfashini njengoba inelebuli i- GUGUBYGUGU. Isike yakhangisa imisiko yayo kuma-fashion show amaningi. Wena obhakuzisa inhliziyo yami ngithi uma udinga i-mannequin noma yisichuse ozokala ngakho imisiko yakho. Thuma mina bhebi 🙌🏾.