09 | Izindaba
Friday, 26 September 2025
Kulindeleke ukuba umnyango ukhiphe isimemezelo ezinsukwini ezimbala ezizayo
Bheki Ndlovana
IZINKOMBA zakamuva ziveza ukuthi intengo kaphethiloli ayizokwenyuka kakhulu ngo-Okthoba njengoba bekuqaguliwe ekuqaleni kukaSepthemba.
Ulwazi lweCentral Energy Fund (CEF), lukhomba ukuthi intengo kaphethiloli kungenzeka yenyuke ngo-8 cent elitheni (95), kanti akuzoba khona uguquko kuphethiloli ka-93. Intengo kadizili izokwehla ngo-10c elitheni (0,05% sulpher), no-8c elitheni (0,005% sulpher). Ekapharafini izokwehla ngo-13c elitheni.
Kulindeleke ukuba uMnyango wezokuMbiwayo naMandla, ukhiphe isimemezelo ezinsukwini ezizayo mayelana noguquko oluzokwenzeka, kanti lolo guquko luzoqala ukusebenza ngoLwesithathu oluzayo mhla ka-1 Okthoba.
Ngasekuqaleni kwenyanga, izinkomba zike zaveza ukuthi intengo kaphethiloli ingase inyuke ngokuphakathi kuka-15c elitheni no-23c elitheni. Ekadizili yona bekuthiwa ingahle yehle ngo-14c elitheni.
Osekudale ukuba lehle izinga obekulindeleke ukuba yenyuke ngalo intengo kaphethiloli, yingenxa yokwehla kwentengo yomphongolo kawoyela ongahluziwe ezimakethe zomhlaba, nokusimama kwamandla erandi.