04 | Izindaba
Friday, 26 September 2025
Thandoluhle Ngubo
UZOQINISA imithetho yezimoto ezithutha izingane zesikole, omalume, uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, kulandela ukwanda kwezigameko zezingozi zalezi zimoto kulamasonto edlule.
UDuma uveze lokhu ngesikhathi ephawula ngemuva kwezingozi ezimbili ezenzeke ngasekuqaleni kwesonto. Eyokuqala yenzeke eNorthdale, eMgungundlovu, kwalimala abafundi abane.
Imibiko iveze ukuthi umshayeli wale moto ubehamba ngesivinini esiphezu, wahluleka wukuyilawula, yashayisa izinsimbi eziseduze nomgwaqo, qede wabaleka endaweni yesigameko.
Ingozi yaseMgungundlovu ilandela enye eyenzeke kule ndawo edlule nemiphefumulo yezingane ezinhlanu, ezinye zazo ebezifihlwa ngempelasonto. Nakuyo le ngozi kuthiwa umshayeli wemoto waphuma ihamba, wabaleka.
Eyesibili yenzeke ngoLwesibili eVryheid, lapho kulimale khona kanzima abafundi abawu-15.
UDuma uthi ukuziphatha komalume emgwaqweni kushiye umnyango ungenakho ongakwenza ngale kokuqinisa umthetho.
"Kusobala abashayeli bezimoto ezithutha izingane zesikole, ikakhulukazi eMgungundlovu bayakujabulela ukuphambana nemithetho yezemigwaqo. Indlela esizokunqanda ngayo lokhu, wukuthi sibambisane nezinhlaka ezifanele, ezifana neVehicle Testing Association, iSantaco, uMnyango weMfundo nezinye, ukuqinisekisa ukuthi siqinisa imithetho yokuthuthwa kwezingane.
"Sizoqala ngohlelo lukaShanela (sweeping audit), kuhlonzwe zonke izimoto nabashayeli abangekho esimweni sokuba semgwaqweni. Asikwazi ukungcwaba izingane ngezimpelasonto zonke ngenxa yabashayeli abangafuni ukugcina imithetho," esho