21 | Ezemidlalo

Friday, 26 June 2026

Image

NGU-BRENDA Jepchirchir waseKenya (okwesobunxele) noJoshua Cheptegei wase-Uganda.

Kuboshelwe nezilomo zaseKenya kwi-Absa Run Your City Durban 10k

Abadidiyeli balindele izikhathi ezisheshayo ngenxa yokhilimu wabagijimi abazobe beqhudelana

Mzwamandla Zondi
 
IBOPHELE inqanawe yabasubathi i-Absa Run City Durban 10k ezokuba ngeSonto lomhla ka-12 kuJuly eThekwini.

Lo mjaho ungomunye wekhula ngesivinini eNingizimu Afrika njengoba imingenelo yawo ishesha ukugcwala.

AbakwaStillwater Sports abadidiyela lo mjaho, batshele abezindaba ukuthi balindele izikhathi ezishesheyo kwabesilisa nabesifazane, njengoba kunabasubathi abanohlonzo kuwona.

Phakathi kwababhekiwe ukushubisa lo mjaho kwabesifazane kukhona uBrenda Jepchirchir onesikhathi esiwu-29:25 kuleli banga, noBeatrice Chepkoech ono-30:56, bobabili baseKenya.

Ukuba khona kwalaba basubathi kulo mjaho kuzowenza uhlonishwe emhlabeni.

Phela imijaho ibuye ithole namabheji ngenxa yezikhathi ezinhle ezenziwa kuyona.

Ngaphandle kwalaba basubathi, abanye ababhekiwe ukwenza kahle, nguJackline Rotich waseKenya - ozokube eqala ukugijima kuleli - kube noNeheng Khatala waseLesotho ongagayelwa mphako kuleli banga.

Image

NGU-TAYLA Kavanagh oyithemba leNingizimu Afrika kwi-Absa Run Your City 10K.

Kwabakuleli, kwabesifazane kukhona uTayla Kavanagh obhekwe ngabomvu nonyaka ukuba akhale amuke nesicoco seSpar Grand Prix, esiphethe isicoco sika-R210 000, emuva kokuba yingqwele yomjaho wokuqala weSpar Women's 10km obuseCape Town ngoMarch.

Uma sibuyela kwi-Absa, uBrenda ekhuluma nabezindaba, uthe: "Ukunqoba umlenze waseGqeberha kwangijabulisa kakhulu.

"Ngangigijima okokuqala eNingizimu Afrika, ngaphatheka kahle. Ukwesekwa engakuthola ezibukelini nakubadidiyeli bomjaho kwangijabulisa.

"Yingakho nginqume ukubuya ngizogijima umjaho waseThekwini. Nginethemba lokuthi ngizokwenza kahle uma ngingaphazanyiswanga wumoya, njengoba kwenzeka eGqeberha."

Lo mjaho uyimilenze ewu-5, kanti usugijinyiwe owaseGqeberha - owaseCape Town waphazanyiswa yimvula wagcina ubhuntshile - olandelayo ngowaseThekwini kuze owaseTshwane ozokuba ngomhla ka-23 ku-August, kuvalwe ngowaseJoburg ozokuba mhla ka-24 kuSeptember, kanti okuphawulekayo ngale mijaho wukuthi imingenelo yakhona seyivalwe yonke.

UMichael Meyer oyi-managing director yakwaStillwater Sports, uthe ukuba khona kwabasubathi abasezingeni eliphezulu kule mijaho yabo kuzoyikhulisa, ihlonishwe umhlaba wonke.

Kwabesilisa kulo mjaho kubhekwe uJoshua Cheptegei wase-Uganda, ongomunye wabasubathi abahlonishwa umhlaba wonke ngenxa yamagalelo akhe kwezokugijima.