16 | Ezemidlalo
Friday, 29 June 2026
UGCINE ngokubabaza unozinti weSouth Korea, uKim Seung-gyu, ngesikhathi uThapelo Maseko weBafana elinamathisela enethini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
"NGEKE kube lula, kodwa ngiyabethemba abafana bami ukuthi bangakwazi ukuzakhela igama ngokuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano."
Lawa ngamazwi kaHugo Broos awasho ngemuva kancane kokuba ememezele isikwati sokugcina seBafana Bafana esimele iNingizimu Afrika emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba yeFifa oqhubeka eCanada, eMexico nase-United States of America (USA).
La mazwi afakazelekile iBafana iqopha umlando ngokudlulela okokuqala ngqa esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano, yehlula iSouth Korea ngo-1-0 wegoli likaThapelo Maseko, elingene ngomzuzu ka-64 kowokusonga u-group A entathakusa yangoLwesine eMonterrey Stadium, eMexico.
Izobhekana neCanada kowe-last 32 ngeSonto ngo-21h00 eLos Angeles, e-USA.
UBEQA amangqamngqeshe uRelebohile Mofokeng, egadulisa uSeol Young-woo weKorea.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UBroos uthi uyabethemba abafana bakhe ukuthi basengakwazi ukuqhubeka nokuzakhela igama kulo mqhudelwano, ngokudlulela nakwi-last 16 yize kungeke kube lula njengoba bezodlala neCanada.
"Ngiyabakhulula abadlali ukuzenzela umsebenzi ngendlela abawazi ngayo enkundleni. Ngiyajabula ngendlela abadlale ngayo, sincisha umoya iSouth Korea.
"NakwiCanada kusengenzeka sikwazi ukudlula nakuyona," esho.
Kulo mdlalo uqalise uSphephelo "Yaya" Sithole ogxekwe kakhulu ngokudlisela iBafana ihlulwa yiMexico ngo-2-0 kowokuvula. Ubebuya esigwebeni sekhadi elibomvu alithola kulo mdlalo.
Ungene endaweni kaTeboho Mokoena obedonsa isigwebo samakhadi aphuzi. USithole ugijime ingcwenga kulo mdlalo.
UBroos ephawula ngoSithole uthe: "Ukuba ngilalela abalandeli ngabe ngigcine sengithatha izinqumo okungezona, ngokuxhamazela.
"Manje ngenza izinto ngendlela engazi ngayo. Imibono yasezinkundleni zokuxhumana kangiyingeni nje nhlobo."