14 | Izindaba

Friday, 26 June  2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:

"Nenja ibingeke ifihlwe ngendlela okungcwatshwe ngayo umfowethu". Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook, ngokugqitshwa kukamengameli wamaZayoni emgodini ongashoni:

Image

NGUMENGAMELI wamaZayoni aseNyonini Mission ongasekho, uThamsanqa Nkonyane, okutholwe isidumbu sakhe sigqitshwe emgodini ongashoni, emuva kwendlu yesonto. Kuthiwa yisancinza sakhe, uNkk Sizeni Khuzwayo-Mazibuko, owagila lo mhlola. Lapha bathathwa nendodakazi yabo elingatholakalanga igama layo.

01


Ndwane Nhle:

Engabe uyofike athini kuNkulunkulu?

02


Sigcino Mkhize:

Yoooh abamyeki ngani kodwa? Sekuphele 20 years bahlukana😪😪uzopoka umfundisi.😩

03


Snikelo Nikelo:

Awu! Silokhu sibabazile.

04


Buko Mchunu:

Ziyathandwa izidumbu kweminye imizi. Yabona ngiyilowo nkosikazi omdala, bengizothi noma esetholakele, makahlale lapho emuva kwesonto lelo.

05


Musawakhe Ndlovu:

Kodwa umkhulu ngathi wayethanda isancinza.
Into ebe-wrong kusona wukufihla but ngiyabona vele bebezofuna ukuyomngcwaba bona laba akade abashiya ngoba engasabafuni. Okuxakayo njengoba sebembuyi- sa esethule, useyabathanda yini?

06


Mzwandile Buthelezi:

Uyabona abefundisi nokuphinga, kodwa bashumayela ivangeli lensindiso!
Ngapha baphethwe wukonakala kwenkanuko.

07


Thokoza Ndlovu:

Ibandla liholwa kanjani ngumuntu olahle umfazi, ekubeni lazi ukuthi lo ahleli naye bakipitile?

08


BraJ:

NgumBhishobhi onjani oshiya umkakhe ayokipita, kodwa aqhubeke nomsebenzi wokwelusa izimvu zenkosi? Impela umhlaba usuyagoqwa.

09


Zipho KamaNene Nyuswa:

Indoda ifele lapho ebithanda khona. Mina angisoze ngayofuna isidumbu somyeni wami osewangilahla iminyaka ngeminyaka. Lo baba kwakumele adivose uma engasamthandi umfazi omdala.

10


Pinky Nkonyane Msibi:

Kodwa 20 years wonke umndeni uthulile? Usumbanga esethule? Lokho nje kubuhlungu. Bebethi ukuphi?

11


Mke Sam Khuzwayo:

Manje uma embiwa uzovuka namafa yini?

12


Khosi Ngcobo:

Hheyi oJonasi bagcwele izwe lonke, nabefundisi imbala!

13


Nokuthula Magwaza:

Ngeke babhemu, lo baba uzoba wufuzo olubi ezinganeni, aphinde abe yidlozi elibi. Ubaba omdala kangaka nokushiya unkosikazi undiza noNkk Khuzwayo-Mazibuko!  Bona manje sekwenzakalani ngaye.

14


Lungile Zonke:

Engabe wayebulewe yini umfundisi? 🤔
Kodwa namakholwa ayengasado- nsi yini esimeni somoya ukuthi kukhona oku-wrong?

15


Ncamsile Msithi Nhlebela:

Angithi ukunyonyoba yinto abeyijwayele. Isancinza besiqhubeka lapha abagcina khona.

16


Lwanele P Mazibuko:

Ngiyamzwela umfazi omncane ngoba mhlambe ubefeza ayekufisa umufi. Bebethuleleni kulo 20 years? Cha kunenkinga.

17


Phindile Dlamini:

Ibixakwe yini inceku bakithi ize ijole? 🤔🤔

18


Nokwanda Nokx Zulu:
 Wumlando esiyowuxoxela abazukulu.

19


Khanyisile Khanyo:

Bengingeke ngikhathazeke ngomuntu owangilahla.

20


Nana Ngcobo:

Waze wantanta bandla umengameli weZion.