13| Ezezimoto
Friday, 26 June 2026
ISHAYE IZULE noZandile Tembe
Iyonga njengoba isebenzisa uphethiloli nogesi...
IHLANGANISE amandla nokukwazi ukuhamba ibanga elide ngokuhlanganyela kukaphethiloli namandla kagesi, enye yezimoto zaseShayina engenisayo kuleli.
I-OMODA C7 SHS PHEV, ithuthukiswe ngamandla athe xaxa emgwaqweni nokonga uphethiloli nogesi okwazi ukuhamba izindlela zansukuzonke, ngaphandle kokuba nexhala kumshayeli.
Lemoto ingeyesibili kwezingihlabe umxhwele ohlotsheni lwezimoto ezingama-PHEV, okuwukuthi nakuba ihamba ngenhlanganisela kaphethiloli, nogesi, kodwa ikwazi ukuzishaja i-battery yakhona ngesikhathi isasebenzisa uphethiloli noma ushayela ngesivinini esiphansi.
Ngiyacabanga kuzobaluleka ukuba kesichazele umfundi ngomehluko wokusebenza kwemoto eyi-HEV neyi-PHEV kwelilandelayo.
I-OMODA C7 ikhulula umshayeli ngokukwazi ukonga kwayo uphethiloli njengoba ngamakhilomitha awu-100, usebenzisa amalitha amane kuya kwayisihlanu, okuwukonga okukhulu uma uyiqhathanisa namaSUV asezingeni layo.
Okuzothatha abaningi wukwazi ukuthi ngethangi eligcwele likaphethiloli ne-battery eshajwe ngokugcwele unenhlanganisela yamakhilomitha awu-1200 emgwaqweni.
Lokhu ngikuqinisekisile njengoba ngiyishaye ngisuka eThekwini ngaya e-Midmar Dam, ngaqhubeka ngilibangise Escourt, nalapho ngihambe amakhilomitha awu-30 ngisuka etiyeleni ngahamba obhuqwini nezintaba ukuya nokubuya.
Yilapho ngikubone khona ukuqinisiwa kwamabhawodi ngabakwa-OMODA njengoba ikwazile ukumelana nobhuqu nendlela enamatshe amakhulu namancane, akukho lapho ingakwazanga ukubambelela khona.
Injini yayo eyi-turbo ne-motor kagesi ikunikeza 225 wamakhilowathi na-525 Nm kanti ukukwazi ukushintsha imizila ngokushesha kwayo ezindleleni ezinde nezima-truck, kuqinisekisa nokuphepha.
Ukusebenzisana kukaphethiloli nogesi kukwenzela lula nokuhlela izindlela zakho, njengoba ungakwazi ukusebenzisa ugesi kuphela ezindleleni zakho ezimfushane zansukuzonke, bese usebenzisa uphethiloli ezindleleni ezinde zangezimpelasonto nalapho uya emakhaya.
Ugesi uwodwa ukunikeza amakhilomitha awu-50 kuya ku-85 emgwaqweni inqobo nje uma uzokhuthalela ukuyishaja.
Ingaphakathi layo lisemgangathweni kanti livulekile, okwenza liwulungele nomndeni omkhulu, njengoba nebhuthi yakhona ingamalitha awu-1250.
Ine-15.6-inch ye-screen okwazi ukuxhuma ubuchwepheshe obahlukene, bese kuba ne-phimbo okwazi ukuxoxa nalo, likwenzele izinto lula lapho ushayela.
Kukhona okunye ebengiyaye ngikucele lingenzele kona kodwa lehluleke, okusho ukuthi kusakhona okudinga ukulungiswa.
Kwezokuphepha iC7 SHS ine-Adaptive Cruise Control ukuze uhambe ngesivinini esikaliwe, iBlind-spot monitoring, iLane-keeping assist okukusiza uhlale emzileni wakho ikukhalime nasezimotweni eziza ngemuva nasemaceleni.
IneDriver monitoring, ekusiza lapho ungasawubhekile umgwaqo, ikakhulukazi uma uphazanyiswa umakhalekhukhwini. Inama-airbag kuzona zonke izihlalo emotweni nekhamera ezungeza yonke imoto ewu-360°.
Inani layo lisuka ku-R689 900, okuyinani elihle uma ubheka okuningi eza nakho.
Okungeke kuthakaselwe ngabaningi, wukuthi idonsa ngaphambili kuphela kanti ngamakhilowathi awu-255 iba nabo ubunzima lapho imigwaqo noma izindlela zimanzi kakhulu.
Okunye wukuthi ukuze uthole ukweneliseka ngokonga nokunye, kumele uhlezi uyishajile. Uma ungayishaji njalo, uzongabuzwa ubumnandi nobuchwepheshe bayo, nokusayingqinamba kuleli, ngenxa yokugqoza kwezindawo zokushaja izimoto zikagesi.