09 | Izindaba
Friday, 26 June 2026
Azosebenza ngendlela ejwayelekile amatekisi
ngosuku lomnqamulajuqu
Skhosiphi Mthembu
INHLANGANO yamatekisi iDurban Long Distance Taxi Assosiation, ithi wonke amatekisi azobe esebenza ngoLwesibili lomhla ka-30 June, okuwusuku olubekwe lwaba wumnqamulajuqu wokuba abokufika abakuleli ngokungemthetho, babuyele emazweni abo.
Lokhu kuvele engxoxweni noMnu Mcabangeni Nala, oyibamba likasihlalo wale nhlangano yamatekisi ahamba ibanga elide.
UNala usho lokhu nje, kulindeleke ukuba ngoLwesibili kube khona imibhikisho ezindaweni ezahlukene kuleli, elwa nabokufika kuleli ngokungemthetho.
NGABANTU bokufika abakuleli ngokungemthetho, abaqube ezinkanjini ezahlukene eThekwini.
UNgqongqoshe wamaphoyisa uMnu Firoz Cachalia, umemezele ukuthi kukhishwe imali engango-R600 million njengoba kuzotshalwa amaphoyisa azobe eqaphe isimo njengoba kulindeleke imibhikisho engase ibe khona kuleli.
Nokho-ke le nhlangano yamatekisi isikubeke kwacaca ukuthi amatekisi azobe ekhona, futhi esebenza ngendlela ejwayelekile.
UNala uthe yize bekuqonda ukukhala kwabantu, kodwa alukho uhlelo abanalo lokumisa amatekisi ngalolu suku.
UNala usho lokhu nje, neSouth African National Taxi Counsil (Santaco), nayo imemezele ukuthi amatekisi azobe esebenza njengenjwayelo ngoLwesibili.
UMnu Sfiso Shangase osehhovisini likaSantaco KwaZulu-Natal, uthe yize bekutholile ukugxekwa ngabantu abaningi ngokuthi bazobe besebenza ngoLwesibili, kodwa kumele bakuqonde ukuthi nabo bayakweseka ukuthi abokufika abangenawo amaphepha okuba kuleli, kumele bahambe.
Uthe lokhu kumele kwenziwe, kulandelwe imigudu efanele.
UShangase uthi awukho umhlangano oke waba khona, noma abeke beza kwiSantaco, abavela ezinhlanganweni ezihlela imibhikisho, bezoxoxa nabo.
"Into eyinkinga, nathi asazi ukuthi kuzobe kwenzekani ngoLwesibili, sizwa nje kuthiwa umnqamulajuqu wabokufika abakuleli ngokungemthetho, ngakho ukumisa amatekisi ekubeni singazi nokuthi kuzobe kwenzekani, kungaba yinto engalungile, ngoba nawo kufanele kukhokhwe isikweletu sawo," esho.