08  |  Izindaba

Friday, 26 June 2026

Ubesekuyekile ukuthunga oqokwe
kwi-Top 10 yeDurban July

 Le ntokazi yaseMthwalume, ithi isebenzise imibala ewu-25 ye-wool...

ULungelo uthi ukhuthazwe yinkulumo yowayengumengameli ukuhlanganisa le ngubo...

Image

NguSinelizwe Madikizela, omodela ingubo kaLungelo Cele, ongakwesokudla, angene ngayo kwi-top 10 yeHollywoodbets Durban July Young Designer 2026.

Makhosi Dube

Igqugquzelwe yinkulumo yowayengumengameli wakuleli uMnu Thabo Mbeki, intokazi esencane yaKwaQoloqolo, eMthwalume, uLungelo Cele (21), engomunye wabangene kwi-top 10, ukuncintisana nabanye kwiHollywoodbets Durban July Young Designer Awards 2026.

Njengoba sekubalwa izinsuku kufike impelasonto enkulu yeDurban July, kuyaziwa ukuthi ngale kokubhejela amahhashi, ingqephu ngenye yezinto edlisayo kulo mcimbi.

Lo mthungi uthi uke waba nesikhathi lapho ekuyekile khona ukuthunga. Uthi uhambo lwakhe nomkhakha wengqephu luqale esemncane, njengoba unina ebengumthungi. Uqhuba athi ebuncaneni bakhe ubezithungela onodoli bezidwedwe, waze wakhula wasiza unina.

Image

NguSinelizwe Madikizela omodela ingubo kaLungelo Cele engenye yezincintisana kwiHollywoodbets Durban July Young Designer 2026.

Le ntokazi ithi ukushona kukanina ngo-2020 kuyiqhelisile ekutheni iqhubeke ithunge. Ngale kobuhlungu bokushiywa ngumzali, ithi ibingasenaye umuntu ozoyichushisa.

ULungelo exoxa ngokufika kulesi sigaba akuso uthi: "Ngaqeda isikole ngo-2023, ngahlala ekhaya ngingenzi lutho. Ngisukume kulo nyaka (2026) ngafuna isikole emuva komuzwa wokuxhumana nomama ngisebenzisa umshini wokuthunga.

"Ngangilungisa ingubo kadadwethu ngisebenzisa umshini kamzala wami, yilapho lwavuseleleka khona uthando lomkhakha wengqephu. Ngezwa izinkinga zami zonke zishabalala, kwangathi umama useduze," esho.

Le ntokazi iveze ukuthi emuva kokuthola isikhala Esayidi Fashion School, yafunda okuningi ngalo mkhakha. ULungelo uthi esikoleni semfanini kufike abantu bakwaHDJ, babanika umsebenzi wokuthunga impahla ngaphansi kwengqikithi (theme) ethi,"Country Allure".

Uthi wakhuthazwa ngamazwi kaMbeki ngaphansi kwenkulumo esihloko sithi, "Iam an African", ukuhlanganisa le ngubo esimfake kwi-top 10. Le nkosazane ithi kuyithathe amasonto amabili ukwenza le ngubo ehlotshiswe nge-wool. Ithi isebenzise imibala ewu-25 ye-wool.

Image

Le ntokazi ibonge umndeni wayo ngokuyeseka. Ithi ithemba ukuthi unina lapho ekhona uyayibona, futhi ujabule ngomsebenzi wayo.

UNkz Makhosazane Ntshangase ongumsiki wengqephu odumile welebuli iSistas Felas,  futhi ongumsunguli we-Esayidi Fashion School uthi:

"Uzolala ePort Shepstone u-R70 000 owumklomelo wozodla ubhedu. Angikungabazi lokho, ngiyamethemba uLungelo," usho kanje.