03 | Izindaba

Friday, 26 June 2026

Uzoncelisa amawele umlingisi eziteshini eziyizimbangi 

UGugu Gumede ubonge iStained Glass, ngokuba yikhaya lakhe...

 Uthembisa izinga elicokeme emdlalweni omusha...

Image

Yingxenye yabalingisi bomdlalo i-eGagasini, benoGugu Gumede ohleli phakathi nendawo.

Lucky Cain

UZONCELISA amawele umlingisi osematheni kulezi zinsuku uGugu Gumede ozobonakala emidlalweni emibili eziteshini eziyizimbangi i-etv neSABC 1.

UGugu osematheni ngomdlalo onedumela kwiNetflix, iThe Polygamist, wethulwe njengomunye wabalingisi abaqavile emdlalweni omusha kwi-etv, obizwa ngokuthi eGagasini, kanti usaqhubeka nokudlala indawo kaMaMlambo emdlalweni Uzalo, okhonjiswa kwiSABC 1.

Image

NguGugu Gumede elingisa indawo kaJoyce kwiThe Polygamist, etshengiswa kwiNetflix.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto, uveze ukuthi ujabule kakhulu ngokwenza into ayithandayo, nokuqhubeka athole umsebenzi kulo mkhakha wezikamabonakude.

Uthi uzizwa ebusisekile ukuthi selokhu angena kulo mkhakha, akakaze abe nenkinga yokuswela umsebenzi njengoba kuke kwenzeke kwabanye ozakwabo kulo mkhakha.

Uthe indawo kaMaMlambo kuZalo, ibilokhu ikhona ngaso sonke isikhathi. Nangesikhathi ethola indawo yokudlala ekaJoyce kwiThe Polygamist, ubengayishiyile.

Image

NguGugu Gumede ozobonakala emidlaweni  emibili othi, eGagasini noZalo.

"Namanje njengoba sengizobonakala eGagasini, indawo kaMaMlambo ayiphelile, izolokhu ikhona futhi ngizoqhubeka nayo," kusho uGugu.

Uzolingisa indawo kaPhumelela Dube kulo mdlalo omusha ozoqala ngoMsombuluko mhla ka-29 kwephezulu, ukukhonjiswa kumabonakude. Uchaze indawo kaJoyce kwiThe Polygamist, njengeveze elinye ikhono lakhe futhi embeke kwelinye izinga kwezokulingisa.

"Indawo kaJoyce imele abesifazane abaningi, ngakho ngizizwe ngithobekile ukuthi ngiyidlale. Ngimele labo abesifazane ngoba cishe u-90% wabesifazane bake baba sezicathulweni zakhe, futhi bazibonile kuyena," kusho uGugu.

Image

NguGugu Gumede olingisa uJoyce, noSdumo Mtshali olingisa uJonas Gomora, kwiThe Polygamist etshengiswa kwiNetflix.

Uthe ekaPhumelela yona yehlukile, imayelana nowesifazane ongusomabhizinisi osemculweni kodwa naye kunabesifazane abamele, abazokwazi ukuzibona kuyena.

Ubonge iStained Glass TV ngokuphenduka ikhaya lakhe, njengoba eseqophe imidlalo eminingi nale nkampani. IStained Glass TV yiyona eqophe yonke le midlalo, uGugu azakhele udumo kuyona njengoba neThe Polygamist, iqoshwe yiyo.

Uthembise izinga eliphezulu emdlalweni i-eGagasini, njengoba eveze ukuthi ugabe nangethalente elisha abantu abazolithokozela ukulibona.

Kusukela ngoMsombuluko mhla ka-29 kwephezulu, uzobonakala kwi-etv seligamenxe ihora lesikhombisa emdlalweni eGagasini, aphinde aqhubeke nokubonakala kuZalo kwi-SABC 1.