02 | Izindaba

Friday, 26 June 2026

Ezifingqiwe

Image

UMatlala uzophenduka ufakazi wombuso ecaleni lethenda ka-R360 million

UNGENE kwisivumelwano nombuso, wavuma amacala akhe enkohlakalo yethenda yamaphoyisa ka-R360 million, eyatholwa yinkampani yakhe, iMedicare24, usomabhizinisi osematheni uMnu Vusimuzi "Cat" Matlala (osesithombeni esingenhla).

UMatlala ubevele eNkantolo yamaCala eMali yasePitoli, lapho evume khona icala ngemuva kokuvumelana nombuso ukuthi uzophenduka ufakazi wombuso kuleli cala elinezikhulu zamaphoyisa eziwu-16, ezithintekayo ekukhishweni kwale thenda.

Phakathi kwalezi zikhulu kubalwa noMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe, uJenene Fannie Masemola, yena oboshelwe ukwephula umthetho wokuphathwa kwemali yabakhokhi bentela, iPublic Funds Management Act (PFMA), ngokusayina le thenda ngale kokuyicubungula kahle.

Umbuso uthi lesi sivumelwano kasihlangene namanye amacala uMatlala abhekene nawo, nalawo angase engezwe ngemuva kokuvuma icala.


Babekelwe umhla ka-10 July ukuthumela amagama abameli kolwePhala Phala

AMAQEMBU epolitiki asePhalamende anqunyelwe umnqamulajuqu womhla ka-10 kuJuly, ukuba abe eseluthumele uhlu lwamagama abameli abazohola ngemibuzo ofakazi abazovela phambi kwekomidi eliphenya uMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, kolwe-Phala Phala.

Lolu suku lukhishwe yileli komidi ebelihleli ngoLwesithathu, lapho obekuzodingidwa khona inqubekela phambili kulolu daba.

Ngesikhathi kudingidwa lolu daba, amalungu aleli komidi adingide ukungena kwecala lokumisa ukusebenza kwaleli komidi wumenga- meli, okulindeleke ukuba lingene eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, emasontweni amabili ezayo.

Bathi nakuba ihhovisi likasomlomo wePhalamende lizihlangulile kulesi sicelo, kodwa ikomidi lizosiphikisa isicelo sikamengameli.


Image

Kufakelwa izibuko omasipala abakhipha amathenda ngemisebenzi abangazenzela yona

UFUNA ifakelwe izibuko eyomasipala abakhipha amathenda okwenziwa kwemisebenzi abangakwazi ukuzenzela yona, uNkz Tsakani Maluleke, onguMcwaningimabhuku-jikelele (osesithombeni esingenhla).

UNkz Maluleke ukusho lokhu ngoLwesithathu, ngesikhathi ethula ucwaningo lwehhovisi lakhe ngesimo somasipala sonyakamali ophelayo,  u-2025/26.

Uthi akutholile wukuthi omasipala abaningi baqasha izinkampani ezizokwenza eminye yemisebenzi, ekubeni zinazo izisebenzi eziholayo ngokwenza lowo msebenzi.

Phakathi kwale misebenzi, ubalule eyabacwaningimabhuku (auditors) neyabalungisa ingqalasizinda.

Uthi kulo nyakamali ophelayo, uthole ukuthi omasipala bakuleli basebenzise imali eyevile ku-R1,6 billion ngokuqasha izinkampani ezenza umsebenzi onezisebenzi eziwuholelayo.

Uphakamise ukuthi iminyango kahulumeni ebhekelele omasipala, ikusukumele lokhu.

Uzwakalise ukudumala ngesimo sokuphathwa kwemali kumasipala njengoba ucwaningo lwehhovisi lakhe luveza ukuthi komasipala abawu-257 kuleli, bawu-39 kuphela abathole ucwaningomabhuku oluhlanzekile.


Image

Umnyango uzoqhubeka nokuqondisa uNxele ubugwegwe

UMNYANGO wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuzwelonke, uthi uzoqhubeka nesigcawu sawo sangaphakathi sokuqondisa ubugwegwe kulowo onguMkhuzi woJele waKwaZulu-Natal osamisiwe, uMnu Mnikelwa Nxele (osesithombeni esingenhla), yize udaba lwakhe luqhubeka enkantolo.

Lokhu kuvezwe ngumkhulumeli walo mnyango, uMnu Singabakho Nxumalo, kulandela ukuvela kukaNxele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesithathu, ngamacala enkohlakalo ka-R11 million, okuthiwa enzeka eminyakeni eyedlule.

Inkantolo imdedele ngebheyili ka-R50 000. NgoLwesine uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uveze ukuthi uzoqhubeka nohlelo lwawo lokuqondisa ubugwegwe kuNxele.

"Siyakuhlonipha ukuthi usahamba inkantolo, futhi sifisa umsebenzi wenkantolo ungaphazami- seki. Noma kunjalo, sizoqhubeka nohlelo lwethu lwangaphakathi lokumqondisa ubugwegwe," kusho uNxumalo.

UNxele usamile ekutheni umsulwa kulezi zinsolo. Phambilini waveza ukuthi okumdalele amazinyo abushelelezi emnyangweni, wukubika ePhalamende, ayamanise uMkhuzi woJele kuzwelonke, uMnu Samuel Thobakgale, nenkohlakalo yethenda yokuhanjiswa kokudla emajele.

Imibiko eyavela ePhalamende yaveza ukuthi ilitha lamafutha elibiza u-R29, umnyango ubulithenga ngemali engaphezu kuka-R700, isaka lesobho elibiza u-R900, ubulithenga ngo-R3 700.