Izindaba | 14
Friday, 25 July 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Kusolwa isikhulu sikahulumeni kuxoshwa umsakazi weVuma FM
Baphawule kanje abafundi kwiFacebook:
NGUJACINTA Ngobese obengumsakazi weVuma FM.
Seluh Mvuselelo Mdluli:
ABANTU be-ANC abasithandi siyiSouth Africa.
Thamsanqa Mazibuko:
KANTI ngempela ngempela siphila kuyiphi iSouth Africa?
Thulazi MaKhumali Magwaza:
Lo mama uqale wathi asiboshwe.
Xolani Schuste Phuthini:
AKOBE niyabona-ke kuthi eMzansi siphethwe ngabantu abanganandaba nathi.
Nomthandazo WaKwaNgcobo Enkosini:
Kuyafana mase kuvotwa bazophinde bavotelwe. Angithi bazoza nezijumbana lezi abantu ezibadida inqondo. Akusikho phela ukwedelela lokhu, bayabukisa😩
Nondumiso Lukhanya Xolo Zingelwayo:
KUSHO ukuthi lo mama sekumele kuphenywe ngaye. Kukhona lokhu akwenzayo nabantu bokufika okungekho emthethweni.
Siphiwe Mncube:
YILOWAYA mama nje. Wakubeka kwacaca ukuthi ozothinta legenge yangare, uzoba nenkinga.
Phindile Phindy Nxabeti:
Baxoshe umuntu omele ubulungiswa. Bekumele lo msakazo ungalalelwa uze ulethe izimpendulo kubantu ukuthi uxoshelweni. Nemisakazo isiyipolitiki, besingazi. Masimeseke uJacinta, ukhombise isibindi waze walahlekelwa wumsebenzi ngoba ethanda izwe lethu.
TherealCastro Dadj:
Musa ukuthi kusolwa, thani nguyena owenze lokhu.
Mabutho AsemaDekeni Makhaye:
Inkinga yethu si-active kufacebook nasematshwaleni kuphela😡