12 | Izindaba

Friday, 25 July 2025

Image

Ukudla neziphuzo okune-acid eningi kungadala izilonda emlonyeni

Amalonda kawathelelani, ngaphandle uma edalwe yisifo untwahlane

Mthokozisi Dlomo

Amalonda (izilonda emlonyeni) yinto ejwayelekile engenayo into eyodwa ngqo, esingathi yiyona mbangela yawo, kodwa ziningi izinto ezihlonzwa njengezingaba nomthelela ekutheni ube nawo.

Achazwa njengezilonjana eziba khona emlonyeni noma ezinsinini, ezingenza kube buhlungu uma udla, uphuza okuthile noma ukhuluma.

Ongoti beHealthline.com bathi amalonda avame ukuziphelela esikhathini esingaphansi kwamasonto amabili. Bathi uma unezilonda ezinkulu ngaphakathi emlonyeni, amalonda ebuhlungu kakhulu futhi engapheli, shesha ubonane nodokotela womlomo (dentist) noma uye emtholampilo.

Image

Yize ingekho into okuthiwa yiyona edala amalonda, kodwa ongoti babalula izinto ezingaba nomthelela. Abesifazane, izingane nabantu okunomlando wamalonda emindenini yabo, kuthiwa banamathuba amaningi okuba namalonda.

Izinto ezingaba nomthelela:
& Ukulimala emlonyeni okungadalwa wukuxubha, ukuziluma, nokunye
& Izinsimbi zokuqoqa amazinyo (dental braces)
& Umuthi wokuwasha amazinyo one-sodium lauryl sulfate
& Amagciwane emlonyeni
& Ukungezwani komzimba wakho nokudla neziphuzo ezine-acid eningi ezifana ne-strawberry, iwolintshi, uphayinaphu, ushokoledi nekhofi
& Ukushoda kwemisoco ethile emzimbeni enjengo-vitamin B9 (folate), u-vitamin B12 ne-iron
& Izinguquko kuma-hormones, njengalezo ezenzeka uma ukhulelwe noma uya esikhathini
& Ukhwantalala
& Nokungalali

Amalonda angaba yinkomba yezifo ezibucayi, ezidinga usizo longoti okubalwa kuzona i-celiac disease (eyenzeka uma umzimba awakho ungezwani ne-gluten), i-inflammatory bowel diease, i-diabetes, iHIV, i-lupus, nezinye izifo ezihlasela amasosha omzimba. Kungenzeka futhi akhombe umdlavuza womlomo.

Image

Izimpawu zamalonda:
& Izilonjana ezingabaphuzi, mhlophe noma bomvu.
& Izilonjana olimini noma ngaphakathi kwezihlathi.
& Uma kubomvu noma kushintsha umbala eduze kwezilonda
& Ubuhlungu okuza ngamandla uma udla, uphuza okuthile noma ukhuluma.

Kungenzeka ube nelonda elilodwa noma abe maningi emlonyeni. Ongoti bathi imvamisa amalonda kawathelelani, ngaphandle uma edalwe yi-infection enjengeyesifo untwahlane (hand, foot and mouth disease). Uhlobo olwejwayelekile lwamalonda yilolu olubizwa ngama-canker sores.

Yinini la ongaqala khona utatazele?
& Uma unamalonda amakhulu kunajwayelekile
& Uma uba namalonda amasha engakapholi amadala
& Uma esehlale ngaphezulu kwamasonto amathathu engapholi
& uma unamalonda angebuhlungu
& Uma izinhlungu zingadambi ngemishanguzo yezinhlungu
& Uma kungasadleki futhi kungaphuzeki
& uma uba nomkhuhlane noma ukhishwa yisisu ngesikhathi kuqala amalonda.

Image

Udokotela uyakwazi ukuhlonza amalonda ngokukubuka emlonyeni. Ungahlolelwa ezinye izifo uma amalonda akho ebuya njalo noma emakhulu noma emaningi.

Yikuphi ongakwenza uma usunawo?
& Gwema ukudla okubabayo, okunosawoti omningi noma okumuncu, aze aphele
& Phuza amanzi anele
& Gcina umlomo wakho uhlanzekile
& Wagcobe amalonda nge-gel enesithako esibulala amagciwane
& Xubha ngamanzi anosawoti omncane imizuzu emine. Ungakwenza lokhu kane ngosuku
& Sebenzisa i-mouth wash engenabo utshwala, okungenani kabili ngosuku.
& Sebenzisa imishanguzo oyiyalelwe ngudokotela