04 | Izindaba
Friday, 25 July 2025
Umlingisi osemnkantshubomvu uthi akuthandayo kwiHomecoming, wukuthi kuzodlaliswa inkotha
NguKhombi Phetla ozodlala indawo kanesi emdlalweni omusha kumabonakude, iHomecoming.
Lucky Cain
UKHUMBULE abahlengikazi akhule ebukela kubona ukuze akwazi ukulingisa indawo kaMatron Mnisi, uKhombi Phetla ozodlala le ndawo emdlalweni omusha kumabonakude iHomecoming. Lo mdlalo uzoqala ukukhonjiswa ngoMsombuluko ngomhla ka-28 kwephezulu esiteshini iMzansi Wethu. Uzodlala njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu.
UKhombi ongumlingisi osemnkantshubomvu emidlalweni yomsakazo nakumabonakude, uzobonakala kulo mdlalo ozovala isikhala seSibongile And The Dlaminis.
Uthe abantu bazobhema bakholwe ngalo mdlalo nangendawo azobe eyilingisa, njengoba izoshiya abaningi bekhexile ngenxa yendelelo abazobe beyibona kuyena.
Uchaze lo mdlalo njengokhuluma ngempilo yaseBergville, endaweni yaseMangwaneni.
"Okungichaza ngalo mdlalo wukuthi ukhuluma ngempilo yasemakhaya futhi nolimi, okuyinto engihlale ngiyikhuthalele luzobe lusetshenziswa ngendela eqondile. Abantu ababukele lo mdlalo, lapho bezobona ukuthi uma kudlalwa ngenkotha kusuke kukhulunywa ngani," kusho uKhombi osebe kulo mkhakha iminyaka engaphezulu kwamashumi amathathu.
Uzwakale kakhulu emdlalweni yomoya emsakazweni uKhozi FM, lapho elingise kweminingi, esebenzisa iphimbo lakhe elingajwayelekile.
"Ukulingisa emsakazweni ngiyakuthanda ngoba kwenza umlaleli azakhele isithombe sakhe ngomuntu, futhi asebenzise umqondo ukwakha okwenzekayo. Umabonakude muhle kodwa ngokubona kwami wenza abantu bavilaphe, kanti umsakazo uyawukhuthaza umqondo," kusho yena enezela ngokuthi umsakazo uyohlale usenhliziyweni yakhe.
Uthe uyakuthokozela ukubona umkhakha wezikamabonakude ukhula kuleli, kodwa kuyamkhathaza ukubona abadidiyeli bencamela ukusebenzisa onobuhle noma labo abanabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana, kunokubheka ithalente.
"Umkhakha uyakhula kodwa kwesinye isikhathi ithalente libuye lizitshwe ngenhloso yokufaka onobuhle nama-influencer. Ngokwami ukuba nabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana akusho ukuthi labo balandeli bazokubukela uma usulingisa ngoba abakulandelayo kuzona akufani nalokhu ozobe usukwenza ulingisa," esho.
Lo mlingisi useke wabonakala emidlalweni kamabonakude okubalwa kuyo Ubambo Lwami, iThe River neminye, kanti ngaphandle kokuba wumlingisi uphinde asebenze njengomeluleki wolimi futhi abe yiciko elisebenzisa iphimbo lalo (voice over artist).
Uveze ukuthi ukuze akwazi ukuletha impilo kule ndawo, kuphoqeleke ukuba akhumbule abahlengikazi akhule ebabuka eHammarsdale, lapho edabuka khona.
"Bekumele ngikhumbule ukuthi bebenjani futhi beziphatha kanjani ngezikhathi zethu," eveza ukuthi nakuba ehlukile kuMatron Mnisi, kodwa kukhona okufuze yena ngaye, uyazwana nento eqondile futhi ehamba ngohlelo.
lucky.cain@ilanganews.co.za