14 | Izindaba
Friday, 24 October 2025
Kulobe
uZandile Tembe
ISHAYE IZULE
ITata Harrier isibuyisile isithunzi negama lale nkampani kwezezimoto ezinhle
ITATA Harrier isibuyisile isithunzi negama, okuzokwenza ukuthi nalabo abebeyeya, bayibuke ngelinye iso, futhi bayihloniphe.
Yebo igama lemoto liyayikhulumela kanti abantu uma beyihlonipha imoto, kasikho isidingo sokuyidayisa kubona ngoba basuke vele sebeyazi, futhi beyethemba.
Ngiyabona abakwaTata babe nemihlangano eminingi yokuhlela indlela yokwethula iTata Harrier ngenxa yokwazi imibono yabashayeli ngezimoto zakwaTata.
Kulokhu benze lokhu esikubiza 'ngethula msindo'. ITata Harrier iyabukeka, ikuheha iza le kude kanti isakhiwo sayo singesihambisana nezimoto zesimanjemanje.
ITata Harrier yethulwe ngokusemthethweni eMzansi ngenyanga edlule, kanti abakwaTata bagabe ngayo ezimotweni zohlobo lweSUV.
Izinga nokwakheka kwayo izobathatha abaningi kanti baningi abebengimisa, becela ukuyibonela eduze, bayibuke nangaphakathi.
Kuvele kwacaca ukuthi ukuhlanganyela kwabakwaTata nabakwaLand Rover kuzodlisela ogageni abancintisana nabo.
Inesitayela esisezingeni eliphezulu kanti indlela eyakhiwe ngobunyoninco ngayo, kuyenze yavele yangenhla kakhulu.
Emgwaqweni ibambelela kahle, etiyeleni nasemigwaqeni ewubhuqu, okusho ukuthi injini yayo ye-turbodiesel ewu-2.0 wamalitha, iyawenza umsebenzi olindeleke kuyona. Uma ulwazi uhlobo lwemoto yakwaLand Rover i-D8 Platform, uzobona ukuthi kuthathwe okuningi kuyo, okusho ukuthi lobu budlelwano balezi zimoto, buzobasebenzela.
I-touchscreen yakhona iwu-12.3-inch, iwuhlobo oluphambili futhi olusezingeni eliphezulu, olunazo zonke izinsiza zokushayela zobuchwepheshe.
Ngaphezu kwalokhu, uthola usizo lwe-Car2Home exhumanisa ukusebenza kwemoto yakho nomakhalekhukhwini wakho, okwenza uphephe lapho ushayela. Uyakwazi nokushaja (charge) ngaphandle kwekhebuli nokushaja ngayo futhi ikhebuli.
Ngenani elisukela ku-R549 900 kuhlobo lwe-Pure+, i-Adventure+ ngo-R649 900, nesezingeni eliphezulu kunazo zonke, i-Fearless+ ngo-R699 900, iHarriet ine-Level 2 Advanced Driver-Assistance Systems (ADAS), okusho ukuthi uthola usizo oluphelele lapho ushayela.
Iyakuthiphisa ngezimoto eziza emaceleni nezisondela mawala ngemuva, nalapho nawe ususondela kakhulu kweziphambi kwakho, kanti nalapho usungahambi emzileni ofanele.
Inamakhamera akukhombisa wonke amacala emoto kanti iyavuleka ngaphezulu (sunroof), inamakhamera akusiza lapho usupaka futhi (park assist).
Nakhu engingakuxwayisa ngakho ngale moto, ikakhulukazi ngoba isafika.
Kusekuningi okusengaba yizihibe; inakho ukububula lapho usunyathela uphethiloli emgwaqweni.
Igiya layo kakulula ukulisebenzisa, lidinga uciphaze ibhathini elicashile ngaphansi, ayisebenzi njengamaningi amagiya kanti kangiwuqondi umsebenzi walo.