12 | Ezempilo

Friday, 24 October 2025

Image

UKUSEBENZISA isikhathi eside okokulale umculo okufakwa ezindlebeni, kungazilimaza izindlebe ugcine ungezwa kahle. 

Singelapheka isimo sokungezwa ezindlebeni


Izinto zikagesi ezixhunywa ezindlebeni


Ezempilo

Menzi Jele

ONGOTI bathi uma zisheshe zabonakala izimpawu zesimo sokungezwa ezindlebeni (deafness), lesi simo singalungiseka. Inyanga kaMandulo (September) yiyona okuqwashiswa ngayo abantu ngesimo sokungezwa ezindlebeni.

Phakathi kwezinto ezidala lesi simo, kungaba wufuzo, njengokuthi uma kuke kwabakhona emndenini nasozalweni owake waba kuso lesi simo, siyedlulela kwabanye.

Ukulimala kanzima ekhanda kungaba nomthelela emizweni nasemithanjeni ehambisa igazi ezindlebeni. Uma umuntu esebenza endaweni enomsindo isikhathi eside, lokho kukhinyabeza imizwa yokuzwa.

Ukuhamba kweminyaka, uma umuntu eseguga, imithambo yezindlebe iyakhathala, indlela umuntu ezwa ngayo iphazamiseke. Izintambo zikagesi ezixhunywa ezindlebeni uma umuntu elalela umsakazo, noma i-cellphone, kuyayilimaza imithambo yezindlebe.

Image

ASEBEKHULILE ngeminyaka kuthiwa yibona abahlaselwa kakhulu yisimo sokungezwa kahle ezindlebeni.

Izimpawu zalesi simo

- Uma umuntu okhuluma naye, avele andwaze, noma ahleke into engahlekisi;
- Uma umuntu ecela ukuba uphinde lokho osukushilo;
- Uma umuntu esondela eduze kwakho njalo uma ukhuluma naye;
- Uma umuntu ecela wenyuse umsindo womsakazo noma kamabonakude;
- Uma umuntu ethetha uma ukhuluma naye, athi 'khuluma kakhulu!"

Izindlela zokwelapha lesi simo

Kunemithi odokotela abayinika abantu abakulesi simo. Le mithi ivama ukusiza labo abasanda kuhlaselwa yilesi simo sokungezwa ezindlebeni.

Uma umonakalo usumkhulu, odokotela bakuhlelela izinsiza-kuzwa (hearing aids). Abantu abangasezwa nhlobo ezindlebeni, bafundiswa ukukhuluma ngezandla (sign language).

Ukungakwazi ukukhuluma nokungezwa ezindlebeni, kuyahambisana.

Izikhungo ezisiza abakulesi simo

- KwaThinta School for the Deaf eseCato Rigde.
- KwaVulindlebe School for the Deaf eseQueensburgh, eThekwini.
- VN Naik School for the Deaf eseNewlands West (Milarina Gardens).
- KwaZulu-Natal Blind and Deaf Society eseMbilo, eThekwini.
menzi.jele@ilanganews.co.za