07 | Izindaba

Friday, 24 October  2025

Image

NGUDLADLA Mshunqisi 

Ubuyela ekhaya lawo umcimbi woSuku lomshunqo

Kuboshelwe abaculi bazo zonke izinhlobo ezithandwa kakhulu 

Image

NELISIWE Sibiya

Image

NTENCANE

Image

MAFIKIZOLO

Image

DJ HAPPYGAL

Image

FELO LE-TEE

Image

MJOLISI

Image

BABES WODUMO

Image

ZAKWE

Image

QWABE TWINS


LUCKY CAIN

UBUYELA ekhaya lawo umcimbi wesihlabani saKwaMashu somculo we-gqom, uDladla Mshunqisi obizwa ngoSuku Lomshunqo Music Festival, ozobanjelwa ePrincess Magogo Stadium, kulona leli lokishi ngomhla ka-29 kuNovember walo nyaka.

Lo mcimbi kaDladla - ongomunye wabaculi be-gqom abahamba phambili kuleli - ngonyaka odlule ufudukile kuleli lokishi, wayokwenzelwa eBerea Rovers, eThekwini.

Echaza ngalesi sinqumo uDladla, uthi baningi abakhalile ngaso njengoba abanye baze bambhalela nasezinku-ndleni zokuxhumana, befuna ubuyele kuleli lokishi umcimbi njengoba waqala kulona, futhi sewufana nowabo.

"Bengiqala ukuwukhipha KwaMashu ngonyaka odlule. Ngingasho nje ukuthi baningi abantu bakuleli lokishi abangasithandanga lesi sinqumo. Nakuba iBerea Rovers bekuyindawo ephakathi nendawo, futhi evulelekile, kodwa abantu baKwaMashu bese bewufukamele, bawenza owabo, okuyisizathu esenze bawukhalela lo mcimbi," esho.

Uthi kulo nyaka kuningi okwehlukile ngalo mcimbi njengoba ethi kuzobe kugxunyekwe ubhazabhaza wetende ePrincess Magogo, ngenhloso yokuthi abantu banganethwa uma kwenzeka kuba nemvula.



"Kangazi noma yinhlanhla kumbe yibhadi yini, kodwa imicimbi yami eminingi ivamise ukuhambisana nemvula, yingakho abantu kumele bakhululeke ngoba ngeke banethwe, kwazise sizobe sibahlelele ukuthi bajabule ngendlela abangeke bazisole ngayo," esho.

Uncoma uhlu lwabaculi ababoshelwe kulo nyaka, njengoba phakathi kwabo kuboshelwe uTira ongumphathi wakhe e-Afrotainment (
abasesithombeni esingezansi), uZee Nxumalo, uLehleza, uFelo Le Tee, iDistruction Boyz, uDanger, uLimit, uJumbo, uBabes Wodumo, uMgilane, uSphectacular noNaves, uDuncan noZakwe, uBeast, uNtencane, u-Ayanda Ntanzi, iQ-Twins, uMjolisi, uMafikizolo, uLungelo Hlongwane, uHappygal, uDankie Boy nabanye. 

Image

UDladla uthe okuhle ngalolu hlu lwabaculi noDJ, wukuthi lubophele izinhlobo ezahlukene zomculo kusukela kwabe-gospel, umaskandi, i-kwaito ne-gqom.

Abaphathi bohlelo nguSomizi Mhlongo, uNelisiwe Sibiya, uMazulu, uZodwa Wabantu noSizwe Mdlalose.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi umatasa ngokuhlanganyela noBeast, njengoba sebenengoma esiqalile ukunyakazisa izinkundla zokuxhumana esihloko sithi, Pukupuku nenye ethi, Umnikazi Wendawo, apike kuyona uDankie Boy noBlack Junior.

Amathikithi aseqalile ukutholakala eWebtickets, kusukela ku-R150 anyuke aze afinyelele ku-R350 awezicukuthwane.