18 | Ezemidlalo

Friday, 24 July 2026

Image

NGABADLALI beMilford FC bejabula ngemuva kokunqoba imidlalo yama-play-off, ebafake kwiBetway Premiership.

IMilford izosebenzisa iPremier's Cup ukuzihlola

Senzo Sokhela

UMQEQESHI weMilford FC uthi umqhudelwano weKwaZulu-Natal Premier's Cup uzobasiza ukuzibona ukuthi bami kuphi ngokwezinga njengoba bengomakoti beBetway Premiership.

IMilford iqhathwe neLamontville Golden Arrows emdlalweni ozokuba ngoMgqibelo ngo-10h00 ekuseni eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. UMichael Gumede ongumsizi womqeqeshi kwiMilford, uthi umdlalo wabo ne-Arrows uzobanika isithombe ngamalungiselelo abo ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27.

Image

NGUSIHLALO ophinde abe ngumqeqeshi weMilford FC uDkt  Xanti Pupuma exhawula umgadli omusha wale kilabhu uScelo "Serero" Masilela.

"Ngikholwa wukuthi sithole umdlalo okahle impela kwazise i-Arrows idlala ngabafana abancane njengathi. Umdlalo wethu nabo uzosisiza kakhulu ukuhlola izinga labadlali bethu. Silindele umdlalo omnandi kubona futhi sihlose ukwenza kahle kulo mqhudelwano," esho.

* Imidlalo yeKZN Premier's Cup engoMgqibelo eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, imi kanje:-
Golden Arrows vs Milford 10h00;
Durban City vs Richards Bay 13h00;
AmaZulu FC vs Midlands Wanderers 16h00;
*NgeSonto le midlalo izobe isithuthela ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Izoqala ngo-10h00 bese owamanqamu ugijinywa ngo-15h00.