03 | Izindaba
Friday, 24 July 2026
Osaziwayo kwiDundee July Experience
UNala ongumnikazi walo mcimbi, uthi inhloso yawo wukubuyisela emphakathini, nokubonga abamesekayo ebhizinisini lakhe
NGUZIMIPHI "Zimdollar"Biyela, ongumsakazi woKhozi FM, obeyingxenye yomcimbi iDundee July Experience.
Mthobisi Sithole
UMCULI wokholo uSbongukwanda "uJumbo" Nyangiwe, uthole ithuba lokuqhakambisa umculo wakhe ngenxa yomyalelo wokuvinjwa kwabaculi ukuba basebenzise izingoma zabanye abaculi kwiDundee July Experience, eDundee, ngempelasonto.
UJumbo owaziwa kakhulu ngokusebenzisa izingoma zabanye abaculi emicimbini uma eyonandisa, uthi nakuba engayazi ingcindezi eyayibhekene nomhleli womcimbi, uMnu Vezokuhle Nala (osesithombeni esingezansi), ngesikhathi ekhipha lo myalelo, kodwa yena (uJumbo) ubone ithuba elihle lokubonisa abantu ikhono lakhe.
"Empeleni lo myalelo obukhishiwe, wenze ukuba ngingene nginolaka kakhulu esiteji, ngoba ngangifuna balibone kahle ikhono lami.
"Ngenhlanhla, uNkulunkulu wangipha isiphiwo sokuthi ngicule lonke uhlobo lomculo engiluthandayo, nakuba ngigxile kakhulu emculweni wokholo," kusho uJumbo.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ngalesi sinqumo sabahleli bomcimbi, ngokwakhe bekungaliwa naye. Uthi ngabantu abathile abahumusha kabi lesi sinqumo.
"Abantu abalwa nami yilaba abafaka igama lami nalapho kungafanele khona.
"UNkulunkulu usesibeke ezingeni elikhulu kakhulu, yingakho ngaso sonke isikhathi kufakwa igama lami, ekubeni umhleli womcimbi engazange athi ukhuluma nami ngalo myalelo wakhe," esho.
Kulo mcimbi bekuboshelwe amaciko ohlobo lomculo ohlukahlukene okubalwa kuwona umaskandi, oDJ, umculo wokholo.
NGUSOMIZI Mhlongo ongusaziwayo.
Bekunomyalelo wokuthi uma uyisicukuthwane, kumele ugqoke ingqephu yombala omnyama.
Ematendeni ezicukuthwane, bekushiyana ukwenza kosaziwayo, okubalwa kubona uSomizi nabanye abaningi.
Lo mcimbi obuhlelwe nguMnu Vezokuhle Nala we-Amathole Funerals. Kugqame uthando nobunye ebantwini, njengoba bekungekho nezixakaxaka, abantu bebulala inyoka.
Abasakazi boKhozi FM nabeGagasi FM, bebeshiyelana inkundla.
KwiGagasi FM uLinda "Mr Magic" Sibiya ungene ehamba noSelby "Selbyonce" Mkhize (osesithombeni esingezansi), ekhona noFelix Hlophe.
KwaboKhozi FM uKhathide "Tshatha" Ngobe ungene noSthandwa Nzuza, wangena uZimdollar Biyela, uTbo Touch weMetro FM nabanye.
UNala uthe inhloso enkulu yalo mcimbi wukubuyisela ebantwini njengoba kungakhokhwa ukungena kuwona.
"Abantu ngibalethela ubuhle ngoba nabo bayangeseka kakhulu ebhizinisini, Amathole Funerals.
"Lolu buhle obungaka busaqhubeka ngoba kuhle ukubona abantu bakithi behlangene ngobuhle, futhi bejabule.
"Ngibonga kakhulu kubona bonke abaxhasi ebesibambisene nabo ukuze lo mcimbi ubemuhle kanjena," kusho uNala.
Abaculi bakamaskandi uMthandeni "iGcokama Elisha "Manqele (osesithombeni esingenhla), noKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose (osesithombeni esingezansi), kubukeke kugqame ukulindelwa kakhulu kwabo kulo mcimbi.
UMthandeni ufike waqhulula nezingoma zakhe ezintsha, ezingakaphumi, abantu abazijabulele kakhulu.
UKhuzani ungene emuva kweGcokama, washiya abantu bengawuvali umlomo ngenxa yokuzikhandla akwenze esiteji.
Phakathi kwabaculi abashiyelane inkundla nguZee Nxumalo, uMaWhoo, uLimit, uMthandeni, uJumbo, uShenge, uLeehleza, uMawelele, uDanya Devs, u-Ayanda Ntanzi, uMzukulu, uMafikizolo, uNoxolo Ngema nabanye.
mthobisis@ilanganews.co.za