09 | Izindaba

Friday, 24 April 2026

Image

ISITHOMBE wumfanekiso. 

Uzizwa engaphephile unina wengane (3) "eyadlwengulwa" ngumakhelwane


Uzwakalise ukungenami ngokuqhubeka kophenyo lwecala

Thandi Zondi

UZWAKALISE ukungenami ngendlela okuqhubeka ngayo icala lokudlwengulwa kwengane yakhe eneminyaka emithathu ubudala, okusolwa kulona umakhelwane (40), owesifazane waKwaXiko, eMzinto. Umsolwa kuthiwa usachanasa ngaphandle.

Lesi sigameko kuthiwa senzeka ngasekuqaleni kukaFebruary, lapho ingane yakhalela umama wakwamakhelwane, yahamba naye.

Kubikwa ukuthi ngesikhathi iyolandwa, yatholakala ingasakwazi ukuhamba kahle, ihamba igxamalaza.

Kwathi uma ihlolwa esithweni sangasese, kwatholakala ukuthi idlwenguliwe.
Unina kamsolwa kuthiwa wayigona, wayilalisa esifubeni, wayipha uswidi nemali, wathi ingasho lutho uma ifika kubo.

"Ngidangele ngendlela okuqhubeka ngayo uphenyo lokudlwengulwa kwengane yami.

"Umseshi wecala usitshele ukuthi imiphumela yolibofuzo izobuya ngemuva kwezinyanga eziwu-3, kuya kweziwu-6.

"Okubuhlungu wukuthi singomakhelwane nomsolwa, nami sengizizwa ngingaphephile uma ngiya emfuleni," kusho unina wesisulu.

Uthi okumphatha kabi kakhulu, wukuthi odadewabo bakamsolwa bayambhuqa, bathi "soke sibone ukuthi iyoke iphume yini leyo miphumela".


Uveze ukuthi ngendlela ingane yakhe ephazamiseke ngayo, ixoxela bonke abantu ngokwayehlela.

"Ngisho sisetekisini, ixoxela oseduze ukuthi kwenzekani kuyona, nasekhaya bonke abantu abafikayo, iyabaxoxela ukuthi yadlwengulwa 'ngumalume'.

"Ngibona sengathi kayisizakalanga esibhedlela, ngoba i-psychologist esiyisebenzisayo ingumlungu. Ikhuluma nami besengidlulisela enganeni inkulumo, kangiboni ukuthi kukhona ukuxhumana okuhle lapho.

"Isibhedlela sithi sinodokotela oyedwa  wezomqondo," esho.

Uthi ingane kayisafuni nokudlala nezinye izingane emnyango.

"Uma ibizwa ngezinye izingane, ivele ithi ikhathele wukudlala, ihlale eduze kwami," esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abaphenyi bohlaka olusingethe amacala ezokuhlukunyezwa (Family Violence Child Protection and Sexual Offences Unit), luvule icala lokudlwengula, emuva kokudlwengulwa kwengane eneminyaka ewu 3, okusolwa ukuthi yadlwengulwa mhla ka 04 February 2026.