20 | Ezemidlalo
Friday, 24 April 2026
Umqeqeshi weLeopards uthi useyawubona umvuzo wokusebenza nabadlali kanzima
NGUKHANYISANI Mthembu (23) odabuka eDonnybrook, KwaZulu-Natal, oyisikhwishikhwishi seBlack Leopards.
Mfanafuthi Ndlovu
ISABISA ngokwenza iMilford FC isilo sengubo iBlack Leopards emdlalweni weMotsepe Foundation Championship (MFC) ozokuba ngoMgqibelo ngo-15h00 eThohoyandou Stadium, eVenda.
ILeopards isempini yokuvika izembe njengoba ilwela ukungehlulwa emidlalweni yayo yakamuva njengoba ngoLwesibili ibambane neThe Bees ngo-0-0 koweMFC.
NGUMQEQESHI weBlack Leopards, uSundra Govender.
UKhanyisani "Ngolo Kante" Mthembu (23) odabuka eDonnybrook, KwaZulu-Natal, oyisikhwishikhwishi kwiLidoda Duvha, utshele Ilanga Lempelasonto ukuthi lo mdlalo wabo neMilford FC ufana nowamanqamu kubona. Uthe wumdlalo ongeke ubelula ngoba babhekene nekilabhu esempini yokungena kwiBetway Premiership.
"Uma singakwazi ukuvika izembe kuzokube konke kufeziwe. Yingakho kufanele ukuthi nakanjani siwunqobe lo mdlalo kumnyama kubomvu," esho.
NGABADLALI beBlack Leopards.
USundra Govender ocija iLeopards uthe yinye kuphela into ayifake kubadlali bakhe, wukuzethemba zikhathi zonke.
"Sewuyabonakala umvuzo womsebenzi wasejimini ngoba abadlali sebeyakwazi ukudlala ngaphandle kokwesaba enkundleni, bangakhombisi nokuba nengcindezi. Konke lokhu kwenzeka nje, ngilinyalelwe ngabadlali abamqoka okukhona kubona uBethuel Muzeu, uDonald Mudau, uThando Kutumela noMwape Musonda ebengithembele kubona, okwenza umsebeni wami ubenzinyana," kusho uGovender.
NGABADLALI beMilford FC.
Lo mqeqeshi uthi uma bethole amaphuzu agcwele kwiMilford FC bazofika emidlalweni elandelayo okungoweVenda FC neLerumo Lions sekwehlela.
* Isiyonke imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:-
NGOMGQIBELO
EMxolisi Dicky: Upington City vs University of Pretoria 15h00.
EDobsonville: Lerumo Lions vs Highbury FC 15h00.
KaNyamazane: The Bees vs Cape Town City 15h00.
EThohoyandou: Black Leopards vs Milford FC 15h00.
ELucas Moripe: Leicesterford City vs Casric Stars 15h00.
NGESONTO
EMpumalanga: Midlands Wanderers vs Venda FC 15h00.
EMalamulele: Gomora United vs Hungry Lions 15h00.
EMofori: Baroka FC vs Kruger United 15h00.