19 | Ezemidlalo

Friday, 24 April 2026

Umqeqeshi uminciswe ngonozinti boSuthu

UZwane unxusa abalandeli ukufika ngobuningi emdlalweni neChippa Utd

Image

NGUMQEQESHI woSuthu, u-Athur Zwane.

Mfanafuthi Ndlovu

LIMNYAMA ikusasa kunozinti wamaZulu FC lokuya kwiNdebe yoMhlaba yeFifa njengoba ezohlala izinyanga eziwu-6 engalikhahleli ibhola, ekubeni ubesenokubhekwa eduzane nguHugo Broos ongumqeqeshi weBafana Bafana ezogijima kulo mqhudelwano, ozodlalwa ngoNhlangulana (June) usongwe ngoNtulikazi (July) eMexico, eCanada nase-USA ngokuhlanganyela.

Image

NGUNOZINTI woSuthu, uDarren Johnson.

U-Arthur "10111" Zwane ongumqeqeshi woSuthu, uthe uDarren Johnson ongunozinti usekude ukubonakala emuva kokulimala bewashiswa ijezi yiCasric Stars kwi-quarter final yeNedbank Cup ngenyanga edlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. USuthu luzokwamukela iChippa United koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium.

UZwane uthe kusenzima ukwamukela ukuthi uJohnson usazohlala isikhathi eside engekho ekilabhini yakhe. Nokho lo mqeqeshi uqiniswa idolo wukuthi u-Olwethu Mzimela usekhombisa ukuvuthwa ezintini selokhu athatha ijezi kulimala uJohnson.

Image

NGUNOZINTI woSuthu, u-Olwethu Mzimela.

"Ngicabanga ukuthi siyikilabhu yokuqala kule sizini ukusebenzisa bonke onozinti bethu emidlalweni yeligi ngenxa yokuthi abanye bathola ukulimala. Lokhu kukutshela ukuthi sinabadlali abancane kanjani ohlangothini lonozinti.

"Uma kungase kulimale uMzimela sizokube sesisele noRichard Ofori, bese kusiphoqa ukuba sithathe onozinti beDStv Diski Challenge (DDC) ukuvala isikhala esingase sivuleke. Sekuyasiphoqa ukuthi ngokuphela kwesizini kufanele sihlale phansi, sibheke kahle izindawo okumele siqinise kuzona," esho.

Image

NGUNOZINTI woSuthu, uRichard Ofori.

Lo mqeqeshi uthi umdlalo wabo neChippa ngeke ubelula kwazise iza noVusumuzi Vilakazi owake wayibamba kubona phambilini, okwenza alwazi kahle uSuthu. Nokho uthi unethemba lokuthi abalandeli bazongquzuka kuzona zonke izinkalo ukuzobaxhasa kulo mdlalo okufanele bawunqobe kumnyama kubomvu ukuqinisa indawo yabo phezulu njengoba belele isine kwi-log.