15 | Izindaba
Friday, 24 AprilΒ 2026
Odabeni oluphume kwiWebsite yeLANGA ngoLwesibili oluthi:
Indida ngoshayeke phansi wafa 'eyogeza' edanyini
YIYONA le iNanda Dam, okushone kuyona owesifazane, okuthiwa ushayeke phansi wakhihliza amagwebu, kade eqeda ukwenza 'izinto eziphathelene nesintu' khona.Β
Nomusa Mhlongo:
Ubone iNyoka enama khanda awu-7π
Gugu Nxumalo:
Mina ngaya nabelungu engangisebenza nabo, sigibele iskebhe. Sabuya si-right, akwenzekanga lutho, nosobaba wakhona angizange ngimbone.
Khwezi:
Baningi basazophela bedlala osomathuba, o-fake gobela
Xolani B Magubane:
Ngimkhuzile esasuka la eMaoti, waqhubeka waya.
Musa Kwanele Lunga:
Nalab' ogobela bethu abasihlolela edolobheni banomthelela kulezi zinto ezikanje.
Mthandeni Mncube:
Yindinda ngempela ukuthi ushone kanjani. Umelaphi wendabukobo ubekuphi ngesikhathi sesigameko?
Sthembile Ngcobo:
Ubone umnikazi wamanzi nkosi yami.
Nontuthulelo Mammsy:
Abayiyeke le nto ngoba umphefumulo munye. Umuntu uma efuna ukugeza, akakugeze ngaphandle kwamanzi. Manje bona bafuna ukuya phakathi nawo amanzi, bezenza isitaringi.
Sizwe Ntombela:
Thina siseduze kwalo idamu, uma unemimoya, ngisho udlula lapha uyezwa nje.
Sebenzile Duma:
Mina ngaya kumthandazi wathi uzongiyisa kulesi siziba. Ngavuma kahle, ngasho ngenhliziyo ngathi akakhohlwe, angidlaleli nje ngaseNanda Dam πββοΈββ‘οΈπββοΈββ‘οΈπββοΈββ‘οΈ
Cindicate Mqadi Ndlovu:
Kuleliya damu akusiniswa mahleza.
Tholi Tholi Kzn:
Abantu mabayeke ukungayihloniphi iNanda Dam. Omunye ngimubone engena phakathi, kuze kunyakaze utshani lobu obumboza idamu. Uma le nto niyenziswa ngamadlozi enu, liyajabula yini idlozi uma usufuna ukubukwa wena ngomsebenzi walo, usuqopha nama-video?
Busi Fudze Fuze:
Mina ngabaleka sekwenzeka into engingasoze ngayikhohla.
Akuyona indawo ongenza okuthize kuyona laphaya.
Mtwana KJ Mhlongo:
Anjalo-ke amadimoni, abevese elinde leli thuba. Vele abantu abezwa. Munye umoya okumele ubuse, uhlale, usebenze nomuntu, wuMoya Ongcwele!
Sthembile Ngcobo:
Kuthiwa uma uyothwala kufanele ube nesbindi, ungathuki uma kukhona okubonayo.