13 | Izindaba

Friday, 24 April 2026

Ishay' Izule:               Zandile Tembe

Image

Kuqhakanjiswe amandla eveni yeJMC Vegus okuthwala umthwalo onzima ngenani eliphansi, yethulwa

Babeke phambili ukuqonda imigwaqo nesimo saseNingizimu Afrika

BAQHAKAMBISE amandla okuthwala kwayo umsebenzi onzima ngenani eliphansi, nenhlanganisela yobutsetsetse, bethula iveni yabo entsha i-JMC Vegus.

Ukunyuka kwedumela lezimoto ezingamaveni eNingizimu Afrika, kugqugquzela abakhiqizi bakule mboni ukuba baqhamuke namasu amasha okunxenxa abashayeli.

 NgoLwesihlanu ngeledlule
ILANGA Langempelasonto limenywe eGoli emcimbini wokwethulwa kweveni entsha yeJMC Vigus, lapho kugatshise khona ngamandla ayo ekuqwaleni izintaba, nokuhamba ezindaweni ezinzima ezingaphandle kwetiyela.

Kulo mcimbi wabezindaba nabathengi abaphambili bezimoto ezingamaveni, abakwaJMC basinike ithuba lokuzishayelela lezi zimoto emagqumeni, emifuleni, naseziseleni ezinzima, ukuze sizizwele amandla ayo.

Kube kuhle ukubona ukuthi babeke phambili ukuqonda imigwaqo nesimo saseNingizimu Afrika.

Image

Basikhumbuzile-ke abakwa-JMC Vigus ukuthi isizathu sokwakhiwa kwamaveni amakhulu, wukukwazi kwawo ukuhamba ezindaweni okungafinyeleli kuzo olunye uhlobo lwezimoto.

Lokhu bekubaluleke kakhulu, ngenxa yokuthi ukunyuka kwesibalo sokuthengwa kwamaveni kudalwa wukwaziswa kwawo njengohlobo lwemoto esezingeni elithile lempilo.

Nakuba abanye bewathengela ukusebenza, nokugwema izingqinamba uma beya emakhaya, kodwa abanye - ikakhulukazi abasemadolobheni - sekuyisitayela kubo, futhi osekunyuse intengo yazo.

Image

Okubalulekayo ngeVigus, wukuhlanganisa kwayo okuwumsebenzi-ngqangi nokukwazi ukuthwala umndeni, unethezeke.

Ukubukeka kwayo ngaphandle, kuyakhombisa ukuthi abakhiqizi bayo, babhekene ngqo nalezo encintisana nazo; okuyiJAC T9, iGWM P300, iFoton Tunland G7, nezinye.

Ukwethula kwabo lolu hlobo lweveni, kuqinisekisa ukukhuza kwabo ibuya eNingizimu Afrika.

Image

I-JMC Vigus iyingxenye yomgqigqo wezimoto zaseChina ezingenisile kuleli.

 Abaphokophele kukho - abakhiqizi bayo - wukunika abathandi bamaveni imoto ebiza  ngaphansi kuka-R500 000 emavenini, okuzokwenza abaningi bayinike ithuba.

Babike ukuthi inani leVigus lizosuka ku-R399,900 kwi-double cab kuthi i-4x4 auto yabo isukele ku-R499,900, okuyenza ibe ngeyenani eliphansi kunawo wonke amaveni asezingeni layo.

Image

Umehluko phakathi kweVigus ka-2026 kuneyango-2025, wukuthi inenjini enkulu ewu-2.5L turbodiesel, ewu-123 kW / 430 Nm, kanti ungayithola nakuhlobo lwe 8-speed yomshini ozishintshayo.

Okunye abakubeke phambili ngeVigus, wukuthi yakhelwe abasebenza kanzima, bese ikunika ubutsetse bemoto ephambili ngaphezulu.

NjengeLANGA Langempelasonto silindele ukunikwa ithuba elithe xaxa nayo ukuze sikwazi ukuqinisekisa konke abakuthembisayo ngayo.