06 | Izindaba
Friday, 24 April 2026
NGUMZUKULU ongumculi kamaskandi, ozobe eyingxenye yeminye yemicimbi eyenzeka eThekwini ngale mpelasonto.
Kuboshelwe ubumnandi ngedili lemicimbi eThekwini
LUCKY CAIN
KONKE sekumi ngomumo ngedili lemicimbi eyahlukene kule mpelasonto, ehambisana nowokuklomelisa abaculi, iMetro FM Music Awards.
Lo mcimbi wokuklomelisa abaculi, kulindeleke ukuba ube ngoMgqibelo, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini. Kunama-pre party ezindaweni ezahlukene zobumnandi eThekwini namaphethelo, namhlanje ngoLwesihlanu.
Kukhona ozokuba senxanxatheleni yezitolo e-Oceans Mall. Kuzobe kungowokwamukela izihambeli zalo mcimbi eziqhamuka kwezinye izifundazwe.
Kuzobe kuboshelwe oDJ nabaculi abanohlonze, abazobe bejabulisa izinkumbi zabantu kuwona.
NGUDJ Lamiez Holworthy, ozobe engomunye wosaziwayo abazobonakala emcimbini weMetro FM Awards.
NgoMgqibelo amabombo alibhekise e-ICC, eThekwini, lapho kuzobe sekuklonyeliswa abaculi. Lo mcimbi uzobe uhanjelwe ngosaziwayo nezikhulu ezahlukene.
Kuzobe kunandisa abaculi abaqokiwe kuwona njengoba umunxa obhekwe ngabomvu kungokamaskandi, okuzobe kungokokuqala ukuthi ube khona kulo mcimbi.
I-Metro FM yamemezela ukuthi kulo nyaka kuzoba nomunxa kamaskandi noweLekompo, okuyizinhlobo zomculo ezidlisela ogageni kulezi zinsuku.
Kule minxa kuboshelwe abantu abathandwayo, koweBest Maskandi uKhuzani uzobe eqhudelana noSminofu, Siya Ntuli, Umafikizolo noMzukulu.
Kowe-Best Lekompo kuqhudelana uJanesh, Kharishma, Shandesh, Shebeshxt noMvzzle.
Lo mcimbi uzokwandulelwa ngedili lomcimbi we-after party, ozoba sePeople's Park, eMoses Mabhida, lapho kuzobe kusina kudedelana abaculi noDJ abehlukene.
Kuleli dili kuboshelwe uYoung Stunna, uTira, uJumbo, uKhuzani, uMthandeni SK, uDladla Mshunqisi, Umafikizolo, iBig NUZ, uDankie Boi, uBeast, uLerato Kganyago, uGoldmax, uFeza, uDrega, uBabalwa M, uNtukza nabanye.
Amathikithi omcimbi wokuklomelisa ayaqhubeka nokutholakala, kanjalo nawedili lomculo nawo asatholakala.
Impelasonto izophothulwa ngeSonto ngomcimbi womculo wezothando eBerea Rovers, lapho kuzobe kuneSunday Love Movement.
Kuzobe kuboshelwe uLanfa Mavuso, uNaima Kay, uNomfundo Moh (osesithombeni esingezansi), uNontokozo Mkhize, uMondli Ngcobo nabanye.
Kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe nabasakazi beMetro FM, abasakaza ngeSonto, okunguWilson B Nkosi, uPaul Mtirara, uSentle Lehoko noMsizi Shembe.