04 | Izindaba

Friday, 24 April 2026

Image

NGUSIPHO Sgqemeza Mbatha, okunamahlebezi okuthi angase azwakale kwiVuma FM.

Ayaqina amahlebezi akhomba kwiVuma FM, abachithwa wuKhozi FM

Lucky Cain

AYAQINA amahlebezi akhomba ukuthi abanye babasakazi abachithwe oKhozini FM, bangase bavumbuke kwiVuma FM.

ILANGA Lempelasonto
lithole ngemithombo yalo eyahlukene, ukuthi abanye babasakazi abakhonjwe indlela oKhozini FM, sebeke bangqongqoza kwiVuma FM, ukuyocela umsebenzi.

I-Vuma kulindeleke ukuba imemezele izinguquko zayo ngoJune nonyaka.  Isanda kulahlekelwa ngumsakazi wayo oqavile, uMzokoloko Gumede, osebuyele kwiGagasi FM.

Lo msakazo ungowesibili owenza inzuzo KwaZulu-Natal, njengoba nawo ugxile ekwenzeni inzuzo ngezikhangiso.

Ngonyaka owedlule iVuma, yakhomba indlela uJacinta Ngobese (
osesithombeni esingezansi), osephenduke undabamlonyeni ngomkhankaso wakhe, wokukhomba indlela abokufika kuleli ngokungemthetho, obizwa ngeMarch And March.

Image

UKhozi FM lumangaze abaningi ngesikhathi lumemezela izinguquko zalo, lashiya ngaphandle abasakazi abese bemnkantshubomvu kulona, okubalwa kubo uSipho Sgqemeza Mbatha, uKing Sifiso  Sibiya (osesithombeni esingezansi), u-Ayanda Msweli obethula ezemigwaqo, nomdidiyeli womsindo, uBonga 'Sphongo' Dladla.

Eminyakeni emibili eyedlule, uKhozi lwakhomba indlela uSiya Mhlongo ngenxa yamacala abucayi abhekene nawo. NoVukile Nongcebo McKenzie kayivuselelwanga inkontileka yakhe. 

ILANGA Lempelasonto
lihabule ukuthi abanye balaba basakazi, sebeqalile ukulungiselela ikusasa labo kwiVuma FM.

"Ngike ngezwa ngegama likaSbu Buthelezi (oke wasakaza oKhozini) njengoba eke waba yisimenywa khona kwiVuma.

Ngesikhathi emenyiwe, bakhona ababhala ezinkundleni zokuxhumana, bemfuna abe yingxenye yalo msakazo.

Image

"NoSgqemeza uke waba yisimenywa khona kwiVuma, okwenza ngisole ukuthi bebezwa amanzi ngobhoko ngokumema laba basakazi," kusho lo mthombo.

Ngokusho kwawo, iVuma iyabadinga abasakazi abanegama njengoba isazimisele ngokunyusa izinombolo zabalaleli bayo.

"Ngike ngezwa ukuthi bakhona asebeke baxhumana nabaphathi balo msakazo ngenhloso yokuzoba yingxenye yabasakazi bawo.

"Inkinga wukuthi zonke izindaba zikhulunyelwa phansi kulo msakazo," kusho umthombo.

Omunye uthe nangesikhathi iGagasi lizobuyisa uLinda Mr Magic Sibiya, laqala ngokummema, okwenza abantu baba nezinsolo zokuthi bangase bazwakale ngokugcwele kwiVuma.

Ethintwa umphathi weziNhlelo kwiVuma FM,  uVusi Shangase, ukuchithile ukuthi abasakazi abachithwe oKhozini FM, bazovumbuka kwiVuma.

Uvumile ukuthi bakhona asebeke baxoxa naye, kodwa akukho okuphathekayo okukhona.

"Izingxoxo zabasakazi sizoziqala njengoba kuqala uMay, kuzothi kushaya uJune, sizobe sesiziphothulile, sesazi ukuthi yiziphi izinguquko esizoba nazo," kusho uShangase.