19 | Ezemidlalo

Friday, 23 October 2026

Image

ICarling ingayibuyisa inhlanhla ye-Arrows eligini


Seyidinga ukuboniswa imbobo yamapali ngoba kayisona isisefo emuva

Senzo Sokhela
 
U-AYANDA Jiyane (osesithombeni) ongukaputeni weLamontville Golden Arrows ubalisa ngendlala yamagoli kule kilabhu, athi yiyona eholele ekutheni bangayiqali kahle le sizini.

I-Arrows izobhekana neChippa United koweLast 16 yeCarling Knockout Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

I-Arrows iya kulo mdlalo nje, kaziyihambeli kahle izinto njengoba iphikwa yimiphumela emihle.

UJiyane ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo wabo neChippa, uthi uma bengasebenzisa amathuba abawatholayo, konke kungavuna bona kwazise kabawavuzisi kakhulu amagoli.

I-Arrows ishaye amagoli amathathu yangenelwa ngamane emidlalweni ewu-8 yeligi esiyigijime kule sizini.

"Ngicabanga ukuthi sonke, kusukela kubaphathi nabadlali siyabona ukuthi inkinga esinayo wukukora amagoli, sidonsa kanzima ngalapho.

"Silidlala lonke ibhola, inkinga yethu kasikori. Njengoba isimo sinjena nje, kakufanele sihlukane silokhu sikhombana ngeminwe ukuthi ngubani odliselayo.

"Kufanele sibambisane njengomndeni, silungise lapho okufanele silungise khona. Lo mdlalo ubaluleke kakhulu kithina njengoba izinto zingasihambeli kahle selokhu kuqale isizini.

"Ngethemba ukuthi ngendlela lo mdlalo esiwuhlelele ngayo, sizokhona ukuthi siwunqobe khona kuzobuya ukuzethemba ukuze sithi uma sesibuyela kwiligi sikwazi ukuqoqa amaphuzu."

Isiyonke imidlalo yesigaba sika-last 16 yeCarling Knockout imi kanjena:-
NGOMGQIBELO
EKing Zwelithini: Golden Arrows vs Chippa United 15h00.
E-Old Peter Mokaba: Polokwane City vs Siwelele FC 18h00.
NGESONTO
EMbombela Stadium: Kruger United vs AmaZulu FC 15h00.
ENew Peter Mokaba: Sekhukhune United vs Richards Bay FC 18h00.
NGOLWESIBILI
ELoftus Stadium: Mamelodi Sundowns vs Marumo Gallants 19h00.
E-FNB: Kaizer Chiefs vs TS Galaxy 19h00.
E-Orlando Amstel Arena: Orlando Pirates vs Milford FC 19h00.
NGOLWESITHATHU
EChatsworth: Durban City vs Stellenbosch FC 19h00.