17 | Ezemidlalo
Friday, 23 October 2026
NGU-RENALDO Leaner ongunozinti weChiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UNOZINTI weKaizer Chiefs, uRenaldo Leaner, uthi into ezobasiza ukuze badlulele emzuliswaneni olandelayo weCaf Confederation Cup, wukusheshe bashaye igoli ukuze behlise ingcindezi kubona.
IChiefs izobhekana neRed Arrows yaseZambia emlenzeni wesibili wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo salo mqhudelwano ngoLwesihlanu ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Iya kulo mdlalo nje, inengcindezi kwazise iguqiswe ngo-1-0 emlenzeni wokuqala obungeledlule eZambia.
Ukuze idlulele emzuliswaneni olandelayo, kufanele inqobe ngo-2-0 futhi ikugweme ukungenelwa yigoli.
NGUMDUDUZI Shabalala weChiefs eqashwe ngelokhozi nguBrian Chilimina weRed Arrows.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
ULeaner uthe: "Sidinga abalandeli bethu ngendlela eyisimanga kulo mdlalo ngoba into eyenziwe ngabalandeli babo eZambia iyesabeka, bebesifakela ukushisa. Sidinga abalandeli bethu ukuba bazosilekelela imizuzu ewu-90 ukuze izinto zethu zizokuba lula enkundleni.
"Inhloso yethu wukuthi sithole igoli kuqala umdlalo usuka nje, emuva kwalokho bese silwela ukuthola elesibili.
"Okunye okufanele sikugweme, wukungenelwa yigoli. Siwuhlaziye kahle umdlalo wethu nabo, sabona lapho esingenzanga khona kahle. Ngikholwa wukuthi sizodlula kulo mdlalo."
Amathikithi alo mdlalo abiza u-R80 eShoprite naseCheckers, kanti ayatholakala naseComputicket uma ufuna ukuwathenga online.