12 | Izindaba
Friday, 23 October 2026
Kulobe: uDkt Thabile Mthembu
Ezempilo
Tshela udokotela ngayo yonke imithi, amavithamini nezithasiselo ozisebenzisayo...
ABANTU abaningi abanesifo sikashukela bayayazi imithi yabo, bayayiphuza noma bajove, badle ukudla okunempilo, bese beya kudokotela uma bengazizwa kahle. Kodwa ukunakekela isifo sikashukela, akugcini ngokuthatha imithi nje kuphela.
Ukuhlolwa njalo kusiza udokotela nesiguli ukubona ukuthi umzimba uphila kanjani, kutholakale izinkinga zisencane, bese kwenziwa uhlelo lokuzinakekela olufanele.
Kubalulekile futhi ukukhumbula ukuthi ukuhlolwa akusikho nje ukuhlola izinga likashukela. Udokotela angadinga ukubheka umfutho wegazi, amafutha egazini, izinso, amehlo, izinyawo, imizwa, nokuthi isiguli siphila kanjani.
Lezi zindawo ziyaxhumana: Isibonelo, isifo sikashukela esingalawuleki kahle singalimaza imithambo yegazi nemizwa, okungathinta amehlo, izinso, izinyawo kanye nokusebenza kwezitho zocansi.
Yingakho impilo yocansi nayo kufanele ibe yingxenye yengxoxo yokunakekelwa kwesifo sikashukela. Kwabesilisa, kungavela izinguquko, induku ingaqini ngokwanele ukuya ocansini. Abanye bangabona ukwehla kokulangazela ucansi, izinguquko ekukhipheni isidoda noma ukungasazizwa ngendlela ababezizwa ngayo ngaphambilini.
Kwabesifazane, kungaba ukwehla kokulangazelela ucansi, ukoma kwesitho sangasese, ubuhlungu ngesikhathi socansi noma ubunzima bokufinyelela kuvuthondaba.
Ukuba nesifo sikashukela akusho ukuthi umuntu uzoba nenkinga yocansi. Nokho, uma ushukela wegazi ungahlali usezingeni elifanele isikhathi eside, ungathinta imithambo yegazi, imizwa, amahomoni nemizwa yomuntu. Lezi zinguquko zingaba nomthelela ocansini.
Ngakolunye uhlangothi, ukukhathazeka, ukukhathala nezinye izifo, nakho kungadlala indima. Ngakho-ke, uma kunezinguquko, akufanele isiguli sizithwese icala noma sizitshele ukuthi “sekuyiminyaka yami” noma “yisifo sikashukela nje.” Kuhle ukubonana nodokotela ukuze kutholakale imbangela, nokuthi ungasizakala kanjani.
Abanye abantu bacabanga ukuthi imithi yesifo sikashukela noma eminye imithi abayisebenzisayo yiyona ebangela ukungahambi kahle kwezinto kwezocansi.
Kungenzeka ukuthi eminye imithi ibe nemiphumela ethile, kodwa akuphephile ukuyeka noma ukunciphisa imithi ungaxoxanga nodokotela.
Isifo sikashukela, umfutho wegazi (BP), amafutha egazini, impilo yenhliziyo, ezinye izifo nemithi ethile konke kungahlobana nale nkinga. Udokotela angabuyekeza yonke imithi oyisebenzisayo, akweluleke ngezindlela eziphephile nezifanele wena.
Kodwa isiguli singayiqala kanjani ingxoxo uma udokotela engayibuzi?
Ungalinda isikhathi sokuhlolwa, bese uthi: “Dokotela, ngingathanda ukukhuluma nawe ngempilo yami yezocansi. Nginesifo sikashukela, sengibona ushintsho ekusebenzeni kwami.”
Uma kuyinkinga yokuma kwenduku, ungathi: “Kunzima kimi ukuthola noma ukugcina induku iqine ngokwanele, futhi ngifisa ukwazi ukuthi kuhlobene yini nesifo sikashukela, imithi yami noma enye into.”
Kuyasiza ukuchaza ukuthi ushintsho lwaqala nini, lwenzeka njalo noma kuqabukela, nomthelela kuwena nasebudlelwaneni bakho. Khuluma nangokwehla kokulangazelela, ubuhlungu, ukoma, ukungakhululeki noma ukushintsha kwemizwa uma kukhona.
Tshela udokotela ngayo yonke imithi, amavithamini nezithasiselo ozisebenzisayo.
Ungabi namahloni, lokhu kuyindaba yezempilo futhi efanelwe ukuphathwa ngenhlonipho. Uma ungakhululekile ukukhuluma phambi komunye umuntu, cela ukuxoxa nodokotela uwedwa noma ucele ukudluliselwa komunye uchwepheshe.
Ungahlali kuze kube nenkinga enkulu. Izinkinga zocansi zingaba yisizathu esihle sokuhlola impilo , ngoba kwezinye izimo zingahambisana nezinkinga zemithambo yegazi noma zemizwa. Lokhu akusho ukuthi wonke umuntu onezinguquko zokuma kwenduku unenkinga yenhliziyo. Kusho ukuthi udokotela kufanele athole isithombe esiphelele sempilo yakho.
Uma uyohlolelwa isifo sikashukela, buza ukuthi izinga likashukela lilawulwa kanjani nokuthi kudingeka nini ukuhlolwa kwegazi okufana ne-HbA1c. Buza nangomfutho wegazi, amafutha egazini, ukusebenza kwezinso nokuthi kuyadingeka yini ukuhlolwa komchamo.
Cela ukuthi izinyawo zakho zihlolwe ukuze kubhekwe izilonda, ukulahlekelwa umuzwa noma izimpawu zokungahambi kahle kwegazi. Hlela nokuhlolwa kwamehlo njalo. Izinkinga zamehlo ezibangelwa yisifo sikashukela, zingakhula zingabonakali kahle ekuqaleni.
Ukunakekelwa kwamazinyo nakho kubalulekile.
Ngaphambi kokuya kudokotela, bhala phansi imibuzo, izimpawu nosuku ezaqala ngalo, nemithi yakho. Lokhu kusiza ekutheni ungakhohlwa okubalulekile uma usunodokotela.
Uma udokotela engakabuzi ngempilo yakho yocansi, ungayivula wena ingxoxo. Futhi ungacela ukuhlolwa kwempilo yocansi noma ukudluliselwa kuchwepheshe ofanele.
• Kwa-The Blue Clinic ungabhukha ukuze kuhlolwe impilo yakho yocansi, ngisho noma ungakabi nenkinga enkulu. Ukuhlolwa akusho ukuthi kukhona okungahambi kahle; kuyithuba lokubuza, lokuthola iseluleko nokubheka ukuthi izinto zisahamba kahle yini.
Ukuba nesifo sikashukela akusho ukuthi kufanele ulindele ukungabi nawo umfutho wocansi. Ukuhlolwa njalo nokukhuluma ngokukhululekile nodokotela, kungakusiza ekutheni unakekele umzimba wakho nempilo yocansi.