08 | Izindaba
Friday, 23 January 2026
IMIKHIQIZO ene-zinc picolinate ne-selenium kayiphephile ezinganeni.
Thandi Zondi
KWEXWAYISWA abazali ngemithi yezingane yokukhuphula amasosha omzimba (immune boosters), equkethe izithako ezingaphephile ezinganeni ezisencane.
ISouth African Products Regulatory Authority (SAHPRA) - okuyinhlangano elawula ukusetshenziswa kwemithi - ithi i-zinc picolinate ne-selenium, kayifanele ukusetshenziswa ezinganeni ezingaphansi kweminyaka ewu-18.
Nakuba kunjalo, kunemikhiqizo edayiswayo equkethe lezi zithako, okuthiwa zisiza ekuguleni okwejwayelekile; njengomkhuhlane, imfiva, ukukhishwa yisisu nezinye izinkinga ezihlasela isikhumba.
Okhulumela iSahpra, uNkk Tammy Gopal, uthi lezi zithako zingadala izinkinga zokungagayeki kahle kokudla, wukuphathwa yikhanda, yisicanucanu nokuphalaza okungaba yingozi empilweni yengane.
Uthi ukudayiswa kwemikhiqizo enalezi zithako kakukho emthethweni, kumele kuyekwe.
Unxenxa abazali nabanakekeli bezingane ukuba babheke ngokucophelela okubhalwe emikhiqizweni, uma kunemikhiqizo abayithengile ene-zinc picolinate ne-selenium ukuba bayibuyisele emakhemisi, noma lapho beyithenge khona.
Le nhlangano ithi izoqhubeka nokuqapha isimo, ukuqinisekisa ukuthi imigomo iyalandelwa ukuvikela impilo yomphakathi.