06 | Izindaba

Friday, 23 January 2026

Image
Wayesisabisa ngommese, athi uzosibulala uma sike samceba

Udilikajele kowadlwengula isihlobo

Phumlani Gama

UGIXABEZWE ngodilikajele neminyaka ewu-15 ngaphezulu yiNkantolo yesiFunda yaseNgwavuma owesilisa (48), waseMbazwana, KwaMhlabuyalingana, emuva kokulahlwa yicala lokudlwengula isihlobo sakhe, esineminyaka ewu-22 ubudala.

Isisulu sehlelwa yilo muga phakathi kuka-2019 no-2020, sikwabo. Igama lomdlwenguli nelesisulu agodliwe, ukuvikela umgilwa.

Kuthiwa lo mlisa wayengenela isisulu ebusuku, asisabise ngommese, athi uzosibulala uma kwenzekile salubika lolu daba.

Umgilwa wabika udaba kunina, kwabikelwa amaphoyisa, kwavulwa icala.
Emuva kokubikwa kodaba, umlisa wanyamalala endaweni, kwaze kwaba uyaboshwa ngo-2024.

Ebufakazini obethulelwa inkantolo, isisulu sakhala ngokuthi kunamalungu omphakathi aseluphendula ihlaya udaba lokugilwa kwaso, futhi kuze kube yimanje, kasedluli emqondweni waso isigameko sokugilwa yisihlobo saso.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA), uMnu Khetha Sangweni, uthe lolu phiko luyasemukela isigwebo esikhishwe yinkantolo.

"Umenzi wobubi wayethenjiwe emndenini, kodwa lokho wakusebenzisa kabi. Mkhulu kakhulu umonakalo awudala emndenini wakhe (nesisulu).

"Sinethemba lokuthi lesi sigwebo sizonika isifundo emphakathini. INPA izimisele ngokuqhubeka nokulwa nesihlava sokuhlukumeza ngokobulili," kusho uSangweni.