19 | Ezemidlalo

Friday, 23 January 2026

Isemanzini iMilford FC eshonelwe ngesinye sezikhulu

Izolwela ukubuya namaphuzu agcwele ukuhlonipha obengumxhumanisi wayo

Image

I-MILFORD FC izimisele ngokuqhubeka lapho igcine khona emzuliswaneni wokuqala weMotsepe Foundation Championship ukuze inyukele kwiBetway Premiership ngesizini ezayo.

Mfanafuthi Ndlovu

ISEMANZINI iMilford FC ezobhekana ne-University of Pretoria koweMotsepe Foundation Championship (MFC) ngoMgqibelo ngo-15h30 eTuks Stadium, ePretoria.

Leli phephandaba lithole ukuthi akasekho emhlabeni uMlibo Pupuma (44) ongumfowabo kaDkt Xanti Pupuma ongumnikazi wale kilabhu eziholayo kwi-log yalesi sigaba. UMlibo ubeyisikhulu esiphezulu (CEO) kule kilabhu.

Ubexinwe yisifo senhliziyo esimnqobe ngoLwesibili kwesinye sezibhedlela zaseThekwini. Izindaba zokushona kwakhe ziqinisekiswe nguSenzeni Pupuma oyiMenenja-jikelele yale kilabhu. Uthe bahlele ukumbeka endlini yakhe yokugcina ngoMgqibelo eNqamakwe, e-Eastern Cape.

Image

YISIKHWISHIKHWISHI seMilford FC uJabulile Gxakoshe.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

USenzo Khoza ongomunye wabalandeli bokuqina bale kilabhu, utshele ILANGA LeMpelasonto ukuthi kubethusile ukudlula kukaMlibo kwazise ubengumuntu ongaguli ngaleyo ndlela.
Le kilabhu ithi izolwela ukunqoba iTuks ukuhlonipha lesi sikhulu.

* IMidlands Wanderers ibuye nephuzu elimqoka ibambana neCasric Stars ngo-0-0 ngoLwesithathu eSolomon Mahlangu Stadium, eMpumalanga.

* Imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:-
NGOLWESIHLANU
ENelson Mandela University: Highbury FC vs Lerumo Lions 15h30.
EDobsonville: Gomora United vs Cape Town City 15h0.
NGOMGQIBELO
KaNyamazane: Kruger United vs Baroka FC 15h30.
ETuks Stadium: University of Pretoria vs Milford FC 15h30.
EThohoyandou: Venda FC vs Upington City 15h30.
NGESONTO
EMxolisi Dicky: Hungry Lions vs Black Leopards 15h30.
ELucas Moripe: Leicesterford City vs The Bees 15h30.