12 | Ezempilo
Friday, 23 January 2026
ISIFO sokunkenkethelwa yikhanda (Meningitis) (njengasesithombeni esingenhla), yisifo esesixake imiphakathi eminingi, emhlabeni wonke.
Lesi sifo siyabulala uma singasukunyelwa ngokushesha. Uma umuntu esehlaselwe yisifo sokunkenkethelwa yikhanda, kudingeka amaphilisi akhuculula konke ukungcola okusegazini (anti-biotics), bese ebonana nodokotela noma nesikhungo sezempilo ngokushesha.
Ukungazinakekeli kudala amagcinwane ngoba lesi sifo sidalwa yigciwane elaziwa nge-fungi. Leli gciwane linamandla, ligijima liyodlavaza ubuchopho nomgogodla (spinal cord).
Uma isifo sokunkenkethelwa yikhanda siqala ukuhlasela, kuba sengathi ungenwa wumkhuhlane owejwayelekile.
Okulandela lapho uba nokujuluka okungalawuleki, liqale ukunkenketha ngamandla ikhanda.
- Ukuphalaza uma uqeda ukudla (njengasesithombeni esingenhla).
- Ukuqina kwentamo.
- Ukuhluleka ukugxila entweni oyenzayo ngaleso sikhathi.
- Ukuqwasha ebusuku, ubuthongo bungafiki.
- Ukungakuthandi ukudla nokuphuza amanzi.
- Ukushisa komzimba.
- Ingane ihlala ikhala (njengasesithombeni esingenhla).
- Ingane ibe nenkinga yokulala, futhi icasuka kalula.
- Ingane iba nenkinga yokuvuka uma ilele.
- Ingane ivele igqabaze (vomiting) uma ifunzwa ukudla.
OKUFANELE UKUKHUMBULE
Njengoba sesishilo, lesi sifo sokunkenkethelwa yikhanda siyabulala. Okubuhlungu ngaso wukuthi asikhethi ukuthi sihlasela abantu abaneminyaka emingaki, ngoba nasenganeni ezelwe siyagadla.
Ngokwe-World Health Organization (WHO), oyedwa kwabawu-6, abahlaselwa yisifo sokunkenkethelwa yikhanda uyafa. Igciwane lidlavuza ungwengwezi (membrane) ebuchosheni nasemgogodleni.
Lokhu kuvimba ukufika komoya ohlanzekile ebuchosheni nasemgogodleni, kudaleke ukunkenketha kwekhanda.
Amagciwane yiwona adala lesi sifo, ngakho kubalulekile ukuhlala endaweni ehlanzekile, engena umoya ohlanzekile.
Ukugeza izandla ngaphambi kokudla kusemqoka ekugwemeni lesi sifo.
Hlala unamaphilisi (anti-biotics) abulala amagciwane angcolisa igazi.
Ukugoma ingane yilona khambi elingaba yisixazululo ukuthi ingangenwa yilesi sifo.
Ulwazi lucashunwe kwiMoyo Clinic, neWorld Health Organisation