07 | Izindaba
Friday, 23 January 2026
"Akubona bonke o-Bachelor abafaka abafundi emanyuvesi"
Kumele abazali nabafundi bakuqonde ukuthi izikhungo zemfundo zisebenza kanjani
Thandoluhle Ngubo
UBONA kubalulekile ukuthi kufundiswe abafundi ngezinto ezibhekwa amanyuvesi uma egcwalisa izikhala, uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, uMnu Buti Manamela (osesithombeni esingenhla).
UManamela ubekhuluma esigcawini nabezindaba ngoLwesine, lapho ebethula khona umbiko womnyango wakhe, wokulungela ukuqala kokufunda nokufundisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Uthe lesi sikhathi sonyaka sinzima njengoba kuyilapho abalwiswa khona ngabazali nabafundi, abasuke bengathathwanga emanyuvesi.
"Kuyenzeka umfundi aphase ngoBachelor, kodwa angasitholi isikhala esikhungweni semfundo ephakeme, okuyinto egcina isiqhatha nabo abafundi nabazali babo, ngenxa yokuthi kabaqondi ukuthi izikhungo zisebenza kanjani.
"Uma isikhungo sigcwalisa isikhala, kasibheki uBachelor kuphela, kodwa kunezinye izinto ezibhekwayo, ikakhulukazi amaphoyinti i-Admission Point Score.
"Okunye okumele kuqondwe ngawo amaphoyinti, wukuthi akusho ukuthi unamaphoyinti ayisingeniso (minimum requirement), kuleso sifundo uzothathwa kuso ngoba abanangaphezulu kwalawa ayisingeniso basemathubeni angcono okuthola izikhala," esho.
Eqhuba, ugcizelele ukuthi izikhungo zemfundo ephakeme zihamba ngenani elithile labafundi ekumele zilemukele.
Ugcizelele ukuthi abangabanga nayo inhlanhla yokuthathwa emanyuvesi, bazame kwezinye izinhlaka zomnyango.
"Amanyuvesi athola inqwaba yezicelo kodwa akusho ukuthi bonke abafake izicelo bazothola izikhala. Laba abangabi nayo inhlanhla, bangazama kwezinye izikhungo zemfundo ephakeme," esho.
UManamela uthi umnyango wakhe usukulungele ukuqala unyaka wemfundo ka-2026, okulindeleke ukuba uqale ngenyanga ezayo.
Uqinisekise izitshudeni ezixhaswe yisikhwama iNational Student Financial Aid Scheme, ukuthi kusuka ngomhla ka-1 wenyanga ezayo, imali yabo iyobe seyifakiwe ezikhungweni abafunda kuzona.