05 | Izindaba

Friday, 23 January 2026

Image

Eyamatekisi icacisa ngencwadi esabalele, yokuvinjwa kothisha abagibelisa abanye

Skhosiphi Mthembu

IFAKE itwetwe, yasusa ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana, incwadi okuvela ukuthi ibhalwe wusoseshini wamatekisi waseMhlumayo, eMnambithi, ebibhekiswe kothisha.

Le ncwadi ibanqumela ugwayi katiki labo abagibelisa ozakwabo babakhokhise imali ezimotweni zabo, ngenhloso yokwenza inzuzo.

Le ncwadi esabalale ngoLwesithathu, icacisa ukuthi kusukela ngomhla ka-16 kuFebruary, akusavumelekile ukuthi othisha bagibelisane ezimotweni zabo.
Nezimoto ezingaziwa kulo soseshini ezilayisha abantu, kuthiwa ngeke zivunyelwe ukwenza lokho.

Ngemuva kokusabalala kwale ncwadi, abantu bazwakalise ukungenami, bebuza ukuthi abanikazi bamatekisi, yiliphi ilungelo abanalo elibagunyaza ukuba bavimbezele izimoto zabantu.

ILANGA Lempelasonto libe selithinta inhlangano yamatekisi, iSouth African National Taxi Council, (Santaco), lifuna ukuthola kabanzi ngale ncwadi (esesithombeni esingezansi).

Iveze ukuthi ixhumanile nososeshini othintekayo ngalolu daba, kodwa akunjengoba abantu becabanga.

Image

UMnu Sfiso Shangase osehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uthe bayibonile le ncwadi.
Uthe kumanje bamatasa, bazama ukuthi kucaciselwe umphakathi ngobekuqondwe yiyo.

Uthi akulona iqiniso ukuthi kuzovinjezelwa othisha abasuke begibeze ozakwabo, kodwa abanenkinga nabo yilaba abasuke bebakhokhisa imali.

"Indlela ebhaleke ngayo incwadi, ibe nokubhimba. Sixhumanile nosihlalo wawo usoseshini, wasichazela inkinga ababhekene nayo kuleya ndawo. Into abakhala ngayo wukuthi kunezimoto ezingaziwa endaweni, ezingenayo imvume yokusebenza kuyo, ezifika khona zithulule abantu.

"Lokhu kuba yinkinga ngoba akuvumelekile ukuthi kungasebenza imoto engenamvume yokusebenza kuleyo ndawo.

"Odabeni lothisha, bakhale ngokuthi sekuno-thisha abathenga izimoto ezingama-7 seater, (okuyizimoto ezivame ukusetshenziswa ngokukhokhelwa ngebanga) bese belayisha abanye othisha, babakhokhise ngalokhu ngenhloso yokwenza inzuzo.

"Lokho kasihambisana nakho ngoba kusuke kuwukwephuca imboni umsebenzi wayo uma sewukhokhisa abantu emotweni yakho.

"Kasinayo inkinga nothisha osuke ezigibezele uzakwabo, kodwa uma esemkhokhisa, loyo muntu useyasebenza, ngakho kumele abe nemvume," kusho uShangase.

Image

Eqhuba, uthe njengemboni, kabanalo ilungelo lokumisa izimoto emgwaqweni, kodwa basebenzisana namaphoyisa ngoba yiwona aqeqeshelwe lokho, bese bona bebhekana nalezi zimoto ezisuke zikhokhisa abantu.

"Njengoba sikhuluma nje, simatasa nokulungisa lolu daba ukuze kuzocaciseleka kahle umphakathi ukuthi incwadi ibiqonde ukuthini," ephetha.