21 | Ezemidlalo
Friday, 22 May 2026
NGU-ELIUD Kipchoge
Mzwamandla Zondi
INKAKHA yomsubathi ehlonishwa umhlaba wonke, u-Eliud Kipchoge waseKenya, ithembisa ukusiza iSanlam Cape Town Marathon ukuze ikhule, ingenelwe ngabasubathi abawu-60 000.
ISanlam Cape Town Marathon yanonyaka izokuba ngeSonto eCape Town.
Kuzokhumbuleka ukuthi abadidiyeli balo mjaho basemkhankasweni wokuwenza ube yi-major, ubalwe mdibi munye nemikhulu emhlabeni; efana neBerlin, iLondon, iNew York Marathon neminye.
Ukuze ungene kwi-major, kuningi okufanele udlule kukhona kanti sekusele kancane ukuba lokho kufezeke ngalo mjaho.
Ukuze ukwazi ukuba yi-major, kufanele umjaho wakho ungenelwe ngabasubathi abacela ku-40 000, ube nomjaho wabahamba ngezihlalo, umeme abasubathi abahlonishwayo emhlabeni.
NGU-STEPHEN Mokoka ongomunye wababhekiwe kwiSanlam Marathon.
Emjahweni kufanele kwenziwe isikhathi esiwu-2:05 kwabesilisa no-2:18 kwabesifazane.
Ibanga kufanele lenziwe ngumuntu ogunyazwe yiWorld Athletics, nokunye okuningi okufanele udlule kukhona.
Kumanje awu-7 ama-major marathon emhlabeni okuyiTokyo, iBoston, iLondon, iBerlin, iChicago, iNew York neSydney engene nyakenye.
Ukuzama ukungena kulo mshungu, neSanlam Cape Town Marathon imeme abasubathi abadumile emhlabeni, phakathi kwabo kukhona uKipchoge obephethe irekhodi lomhlaba le-marathon, eliwu-2:01:09 elephulwe nguzakwabo uSebastian Sawe ngenyanga edlule kwiLondon Marathon ebeyingenelwe ngabasubathi abawu-59 000.
"Ukugijima ngikuqale lapha e-Afrika. Yingakho nginqume ukuzosiza iCape Town Marathon ukuba nayo ibe yi-Abbot Major. Nginethemba lokuthi lokho kuzogcina kwenzekile, lo mjaho ube ngowokuqala e-Afrika ukuba yi-major.
"NgeSonto ngizokube ngigijima nabasubathi abawu-27 000 abazokube beyingxenye yalo mjaho ngenhloso yokuba ube ngowokuqala e-Afrika oyiWorld Major," esho.
UKipchoge ube ngumsubathi wokuqala emhlabeni ukwenza isikhathi esingaphansi kwamahora amabili kwi-marathon (1:59:40 INEOS Challenge).
Kulo mjaho kuzokube kugaduliswana kwi-10km, iWheelchair, i-5km, i-11km ne-22km trail run. Sebebonke abasubathi abazokube beyingxenye yawo bawu-44 500.
Ngaphandle kukaKipchoge abanye abasubathi ababhekiwe kulo mjaho nguStephen Mokoka, uThabang Mosiako bakuleli ukukha nje phezulu.