14 | Izindaba
Friday, 22 May 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Kusukunyelwa eyesikole esinabafundi abawu-30 nothisha abathathu, abafundi bethu kwiFacebook baphawule kanje:
Viva Schotho Mahlobo:
Ikuphi inkinga?
Yishumi labafundi uthisha emunye.
Khanyisani Mziwakhe:
Singcono kabi leso sikole. Kukhona esinezingane eziwu-16, nothisha oyedwa. Uhulumeni mawusondele eduze, uvale lezi zikole ngoba iqiniso lithi akufundiseki. Angazi abazali baye bathini.
Thokozile Lioness INkosazane KaJobe:
Angithi kwangena amabhasi, azibulele izikole eziningi. I-enrolment isiyagcwala emadolobheni.
Thamsanqa Mchunu:
Amadoda mawakhe isikole. Washo njalo omunye uthisha lapha ngakithi.
Khombih Mamndayi Mangamahle:
Ngiyanizwa niyakhuluma, abanye bakhulunyiswa wukungazi ukuthi kuyahlushekwa kule department.
Mina isikole engikusona sinezingane eziwu-67, othisha babili kuphela. 1 foundation phase, 1 inter & senior phase.
I-Multigrade kayikho lula ngoba ngisho ungababhanqa ekilasini, uma ama-grade ehlukene, nabo kumele ubahlele ngokwama- grade abo.
Umthwalo uba mningi kuthisha.
Sithenjwa Psm Nene:
Uhulumeni mawuyeke ukuxhasa nge-transport ngoba izingane zishiya izikole ngasemakubo, ziyofunda kwanhliziyo ngise.
Nabazali mabayeke ukulawulwa yizingane ngoba zifuna ukuba kwamachanca kwampunz' edlemini. Yiwona mphumela-ke lona.
Asikho isikole okungaphaswa kusona as long as wena ufuna ukuphasa.
Lungisani Mngoma:
Ziningi izikole ezibhekene nesimo esifanayo.
Xolani Msadafu Mtshali:
Makuxoshwe yonke into ethi thisha, kuqalwe kabusha.
Nkululeko Sgananda:
Awwww pho ikuphi inkinga? 🤷
Mahlengy Mkhulise:
Siseplazini-ke leso sikole. Nathi sake safunda kungama-grade awu-4 ekilasini elilodwa.
Real Jab's:
Thina saqala isikole kunothisha omkhulu kuphela.
Isivakashi Esingamenywanga Sjadu:
Kahleni ngehlaya! Epulazini?
Livelanih media production:
Yahamba kanjalo intuthuko emphakathini.