13 | Izindaba
Friday, 22 May 2026
IZITHUTHI ezifana noRickshaw ezitholakala ikakhulukazi emabhishi, zenza izivakashi ziluthokozele uhambo lwazo lwaseThekwini.
UKWENTULEKA kwezokuhamba phansi ezifanele izindawo ezisemajukujukwini akuleli, kunomthelela ekungadayiseki kwalezi zindawo ezivakashini zamazwe.
Ukwakheka kweNingizimu Afrika nezwekazi lonke lase-Afrika, kuphoqa ukuba izivakashi zingagcini nje ngokuhlelela izindiza nezokuthuthelwa emahhotela asemadolobheni amakhulu kuphela, kodwa kuhlelelwe nezokuthutha ezizobasondeza emabhizinisini okuvakasha, asezindaweni ezincanyana, ezizonika izivakashi umongo ogcwele ngeNingizimu Afrika.
LUSUKE lungaphelele uhambo lwaseThekwini ezivakashini uma zingatetemukanga ngebhasi elivuleke phezulu, okwazi ukubona yonke into uma uligibele, elihambela izindawo ezehlukene ezingamagugu eTheku.
INingizimu Afrika isenezingqinamba
Uzozibuza ukuthi zikuphi izingqinamba ngoba iNingizimu Afrika inazo izithuthi ezahlukahlukene, ezikwazi ukuthatha izivakashi ziziyise eziqiwini, izintaba, ulwandle nakho konke okutholakala kuleli.
Ucwaningo nombiko okhishwe ngabakwa-Phocuswright nabakwa-Web in Travel, uthi ku-10,48 wezigidi zezivakashi zamazwe, eziwu-91% wazo zigcina kulezo zifundazwe noma izifunda ezifikele kuzona, kaziphumi ziye kwezinye ezisondelene nazo.
Lokhu kungenxa yokuthi leli zwe kalikakavuleleki ekusebenziseni izithuthi ezifana namabhayisikili, izithuthi ezincane (tuk-tuk), izikuta nezithuthi ezincane esizibona kwamanye amazwe.
Elakuleli liyadinga ukuba nezithuthi ezincane, ezifana nama-tuk-tuk
Konke lokhu, bekuyingxoxo ekhethekile ethulwe ngabakhiqizi bezimoto bakwaStellantis, engqungqutheleni yezokuvakasha eyaziwa nge-Africa’s Travel Indaba, ebiseThekwini, e-International Convention Centre (ICC), ngeledlule.
AbakwaStellantis bethule le nkulumo kubahwebi nabezindaba bamazwe abebehambele le ngqungquthela ukuzogcizelela ukubaluleka kwezithuthi ezizosondeza ibhizinisi lezokuvakasha kosomabhizinisi abancane, ziphinde zihambisane nokwakheka kwezindawo ezidinga izithuthi ezingesiwona amakhumbi namabhasi amakhulu ezivakashi (tour bus).
Kwenziwe isibonelo ngamazwe afana noThailand, iBali, iVietnam, iZanzibar neRwanda, wona asebenzisa izithuthi ezincane, ezingabizi nezenza kube lula ukuthi izivakashi zibone ngokuphelele nezindawo ezincane, ezingadingi amabhasi amakhulu, ukuthi zisondele kubahwebi basemigwaqweni; njengomama abadayisa emakethe nabasemigwaqweni abenza imisebenzi yezandla.
LOLU ngolunye uhlobo oluncane lwezithuthi izivakashi ezivame ukulusebenzisa ukungcebeleka ezindaweni ezigudle ulwandle eThekwini.
Ukufika kwezivakashi sekuyaqala kuyakhula njengoba izibalo ziveza ukuthi zikhule ngamaphesenti awu-17.6, kusukela ngonyaka ka-2024.
Ukusabalala kwazo zisuka emahhotela ziya ezindaweni ezinamabhizinisi amancane aludinga kakhulu uhwebo lwezivakashi zamazwe, kakucaci, futhi akuveli kahle kulezi zibalo.
Izivakashi zithakasela usikompilo lwendawo, nokubona amagquma namathafa nezindawo ezicashile lapho umongo wendawo ulele khona.
Ngokokwezokuvakasha, lokhu kuwumsebenzi ohlanganise izingqalasizinda ezihlinzekwa wuhulumeni, amaphakeji ehlukile abathulelwa wona yimboni yezokuvakasha.
Umuntu oseholidini akumele axakwe ngemidanti nemininingwane yokuthi uzofika kanjani empophomeni ethile, noma yikuphi lapho angahlanganyela bukhoma abone usikompilo lwangempela lwendawo.
Yingakho abeStellantis, bethule kule ngqungquthela izithuthi ezincane ezifana ne-Fiat Tris (esesithombeni esingezansi), elungele amadolobha amancane angenayo imigwaqo emikhulu, enabahwebi basemigwaqweni, nengabizi ephaketheni.
Baphinde bethula ne-Peugeot Partner, elungele ukuhweba nokuthuthwa kwezimpahla eziwu-4.4 wekhago (cargo) nesisindo esiwu-984 kg, neveni i-Citroën’s Hola, yokuthutha impahla engaphansi kuka-500 kg, engasiza kosomabhizinisi abathutha imithwalo yezivakashi.
Abakwa-Stellantis bathe bakholelwa ekutheni lezi zithuthi zingaba nomthelela ekukhuliseni ezomnotho nokubhekana nenselelo yokuthutha izivakashi zifinyelele kuzo zonke izindawo, zisebenzisa izithuthi ezingabadli ephaketheni.