11 | Ezikaqedisizungu
Friday 22 May 2026
Ngifuna ube wushokoledi wami, ndoni yamanzi...
Kodwa mntanomuntu ungenzani? Wabunjwa kahle ntokazi kwangathi ngingabhula isihlangu sami ngikukhuzele. Okwebala lakho ndoni yamanzi, kumanje ngiqoqa openyana ukuze ngizokusondeza kithi ngikubukele eduze.
Lo shokoledi nguPalesa Malaza, yisiphalaphala esingumlandeli weBhakabhaka wokuqina, esisheba i-soft life nemfashini. Yintokazi ethi izithandela ukunaka okwayo, kayithandi ukuxinwa, ithanda ukwenza ekuthandayo ngesikhathi sayo.
Beautiful, ngeke ngikuxine mina swirathi. Engikufisayo wukuthi mina nawe sibukane emehlweni, siphuzisane i-hot chocolate, sihlebelane amagama amnandi...