07 | Ezikaqedisizungu
Friday, 22 May 2026
NGU-JESSE Clegg noSMinofu abahlangane engomeni ethi, 'Woza Friday'.
Thandi Zondi
IHLONIPHE uyise - ngegalelo lakhe emculweni neqhaza lakhe ekulweni nobandlululo ngokuvusa ingoma yakhe, indodana kaJohnny Clegg, wodumo lweJuluka - kamuva kwaba yiSavuka.
UJesse Clegg, uhlangane nomculi kamaskandi, uSminofu, bavusa ingoma kayise - ayeyishaya neJuluka - eyayishisa izikhotha ngama-80s, ethi 'Woza Friday", bayishaya ngesigqi esisha.
Echaza uJessie, uthe: "Kube mnandi ukwenza le ngoma ngesiZulu, kwazise bengiqala ngqa ukucula ngaso, nakuba ngisikhuluma kancane."
Echaza ngale ngoma uthe: "Ubaba wayibhala ngemuva kokuba ezwe esinye sezisebenzi emapulazini, sithi sifisa ukuthi ngabe sekuwuLwesihlanu.
"Ngaleso sikhathi, wayeqashwe njengotolika wesiZulu epulazini lezinkukhu."
Ngesikhathi benza i-video yale ngoma, uthi baqoke ukuthi baye epulazini lezinkukhu KwaZulu-Natal, ukufaka umuzwa owawukhona ngalesiya sikhathi kwenziwa le ngoma eminyakeni edlule.
NGU-JOHNNY Clegg.
UJessie uthi ukwenza le ngoma noSminofu, kwakuyinto engahleliwe.
"Senza le ngoma singakaze sihlangane. Kube mnandi kakhulu ukusebenza naye sesihlangana e-studio. Ungumshayi wesigingci oseqophelweni eliphezulu, uyiciko engilihlonipha kakhulu," esho.
Echaza ngomculo kayise, uthe ube nomthelela endleleni abuka ngayo impilo.
"Ubengubaba oqotho nomculi, ngifunde lukhulu kuyena njengomculi. Umculo wami wehlukile kowakhe, (kodwa) nakuba kunjalo, umoya wakhe ngikholwa wukuthi ukhona kukho konke engikwenzayo."
UJesse uthi akubanga lula ngesikhathi eqala emculweni ngoba abantu bebelindele ukuthi uzoshaya isigqi sikayise.
Uthi bagcina bekwamukelile ukuthi naye unesitayela sakhe somculo.
Uthi le single izoba yingxenye ye-album ezayo, esihloko sithi 'Scatterlings', lapho kuzobe kunabaculi abehlukene, benza izingoma zikayise.
Phakathi kwabo kubalwa uZakes Bantwini, uMsaki, uSimmy, uZolani Mahola, uSjava, uSun- El Musician, iBeatenberg noTresor.
Le album uthe ingeyokuhlonipha isigqi somculo wesizukulwane samanje, negalelo likaJohnny Clegg.