06 | Izindaba
Friday, 22 May 2026
Kulobe uThokozani Ndlovu
Izindaba
Kuthiwe ababulali badedele uyaba lwezinhlamvu kumufi obesanda kungcwaba inkosikazi yakhe...
NGUMNU Thanda Msomi obenemvume
yokudayisa insangu.
USOLA umona kubantu ngokuba nebhizinisi elisemthethweni lokudayisa umthunzi wezinkunku umndeni kasomabhizinisi waseDingimbiza, eMthwalume oqhululwe ngentululwane yezinhlamvu washona engena esangweni emzini wakhe ngoLwesibili ebusuku.
UMnu Thanda Msomi (54) okuthiwa ubesanda kungcwaba inkosikazi yakhe, uNkk Philile Msomi eshone kule nyanga ngokugula, kuthiwa uhlaselwe ngabantu abangaziwa, bamdubula washona ujuqu.
Umfowabo kamufi, uMnu Bonga Msomi, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi basadidekile ngoba umfowabo ubengenazo izitha, futhi nebhizinisi elisha, belisenenzinyanga ezintathu.
Uthe okwenza basole ukuthi kube wumona wabantu kungenxa yokuthi umfowabo kalikho ibhizinisi abenalo phambilini kodwa bekuzama yona inkosikazi yakhe ngamabhizinisi amancane abenawo.
Uveze ukuthi bekuyilona bhizinisi lakhe lokuqala leli abelwela ukuthi libe semthethweni ukuze angalokhu ehlushwa ngamaphoyisa ngokudayisa umthunzi wezinkukhu ngokungemthetho.
YIMOTO kaMnu Thanda Msomi emuva kokudutshulwa.
UMsomi uthi lento eyenzekile bayibona njengomshophi njengoba umfowabo ubesanda kungcwaba inkosikazi yakhe emshiye nengane yabo esencane, esivele yaphenduka intandane ngenyanga eyodwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asesiteshini iHibberdene, avule icala emuva kokubulawa kowesilisa oneminyaka ewu-54.
Uthe isisulu besisemotweni ngesikhathi sihlaselwa ngabantu abangaziwa abavulele ngenhlamvu kusona sashona. Isizathu sokudutshulwa kwaso uthe kasikaziwa.