13 | Ezindaba

Friday, 22 August  2025

Ishaye
Izule noZandile Tembe

Ezezimoto

 Kuyancomeka ukuphepha nobuchwepheshe  beGWM 300

 Iyakwethusa ngenxa yobukhulu bayo kodwa ishayeleka kalula...

Image

KUYANCOMEKA ukuphepha neqophelo eliphezulu lezobuchwepheshe oluthola kwi-GWM P300, ikwenza ukhohlwe wukuthi ushayela iveni.

Izwe laseMzansi lingelesi-8 ohlwini lwamazwe athenga kakhulu izimoto zohlobo lwamaveni, kanti sikhule amaveni siwazi njengezimoto zabantu abakhulile, nalabo abayisebenzisela ukusebenza, kodwa lokhu sekushintshe kakhulu muva nje.


Mhlawumbe kube ngenye yezizathu ezenze
abakwa-GWM babe nemixhantela emingaka kwi-P300, ngoba kuningi okuhambelana neSUV kule moto. I-P300 yenze abaxwaya amaveni bacabange kaningi, ikakhulukazi ngenxa yokonga kwayo u-diesel.

Image

Bengingazethembi ukuthi ngizomelana ne-GWM P300 4x4, 2.4TD double cab, ngenxa yobukhulu bayo, kodwa angikholwanga lapho ngiyithole ishayeleka kalula emgwaqweni, amandla ka-135kW/480 Nm kwenza uyiphushe ngokungananazi lapho usudinga khona amandla.

Image

Ingaphakathi layo lifakelwe izihlalo zikanokusho zesikhumba kanti ngikuncomile ukuthola ukuthi inesitebhisi ngemuva lapho ufuna ukufaka kalula izimpahla noma uyisebenzisela ukuthutha umphakathi ezindaweni zasemakhaya.

Izihlalo zakhiwe zakwazi ukukhipha umoya (ventilated), uyakwazi nokuzifudumeza (heated) lapho kubanda, nendawo lapho ungakwazi ukushaja (charge) umakhalekhukhwini wakho ngaphandle kwekhebula, nezindawo zokuxhuma lapho abanye ohamba nabo bedinga ukusebenzisa izingcingo.

Image

Ubuchwepheshe obuthola kuyo bungelezinga lezimoto zesimanjemanje, buka ngoba inamakhamera ayizungezile, ku-360 degrees, kanti ukwazi ukubona zonke izinhlangothi, ungabi nenkinga lapho ufuna ukupaka ngemuva nangaphambili.

Image

Ine-touch screen ewu-7-inch, ekunikeza imisakazo nezokuzijabulisa okune-Apple CarPlay ne-Android Auto, okusho ukuthi ungadlala umculo kuzo zonke izingcingo ze-smartphone. Kodwa lingiphoxile izinga nekhwalithi yomsindo wayo, uyaphoqeleka ukuyidlalela phansi ngoba izinsimbi azizwakali kahle.

Nakuba ikunika amandla i-P300, ukuthatha kwenjini yayo kukwenza ube manqika lapho ufuna ukushintsha imizila emigwaqweni ekuthelawayeka, ikakhulukazi emarobhothini nasezimpambanweni zemigwaqo ezimatasa.

Ziningi ezinto engiphakamisa ukuthi bazibhekisise, ikakhulukazi injini ne-suspension, kukhona okungaxhumani kahle okwenza ukushayela kungathokozeleki ngokuphelele.
Injini iphinde ibe nomsindo ongemnandi lapho ushayela, ngize ngazitshela ukuthi kukhona inkinga ekhona.


Ngikuncomile ukufakwa kwayo izinsiza lapho ushayela, ezifana nokukutshela lapho kunemoto ekusondelayo ukuze ungawushintshi umzila, uma ususondele kakhulu kwephambi kwakho, nalapho usuncike ngokungaphe-phile kolayini bemizila yomgwaqo ikubuyisa ngokukhulu ukushesha, ikukhumbuze izifundo owazithola ufunda ukushayela.


Inani layo lisuka ku-R649 900, kuthi eyohlobo oluphezulu kunazo zonke eyi-LTD 4x4 yona iyinani lika-R699 900. Ngalamanani uthola iservice plan ye-warranty yeminyaka ewu-7 kumakhilomitha awu-200 000 kwi-4x4, 2.4TD neminyaka ewu-7 kumakhilomitha awu-75 000 kwi-LTD.